Uthi simnengile lesi senzo
MTHOBISI SITHOLE
UTHUSWE wukujike-lwa nokuhlaselwa nguMthandeni “Gco-kama Elisha” Manqele, obengu-mngani wakhe bengakaze bakhombane ngeminwe umculi kamaskandi, u-Ali Mgube – wodumo lwama-SAP okumanje uthi usanengekile yilesi sehlo.
UMgube okhiphe i-albhamu ye-Geza lakwaMgube, ethi “Unodlame” asebenze kuyona noScebi “Nkosi Yamagcokama” Dlamini waseMsinga, uthi kwamthusa ukujikelwa nguMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele ayakhe naye isixaxa ngokuhlanganyela noSbongiseni “Mjikijelwa” Ngubane (onga-sekho).
Laba baculi babakhe isixaxa esibizwa ngoNdabuzekwayo. Kwi-albhamu yeGcokama Elisha ephume ngesonto eledlule, ethi “Isikorokoro Sami”, kunengoma lapho lithi abantu bebemthanda uMgube ngesikhathi beshuthe naye koNdabuzekwayo, hhayi manje ngoba esehamba enza okubi.
UMgube utshele ILANGA ukuthi iGcokama Elisha lifikele kuyena emculweni, walifundisa okuningi ngoba efuna lisheshe liphumelele, kwazise wayekholelwa ekhonweni lalo.
“Lo muntu besimfukamele noMjikijelwa, simazi kahle kamhlophe ukuthi umlando wakhe kawukho muhle kubantu abaningi.
“Indlela enza ngayo izinto, ngisola ukuthi usedinga umkhuleko onamandla. Kangimazi mina umuntu oxabana nabo bonke abantu,” kusho uMgube.
Kwenzeka lokhu nje, uMgube usajabulela ukunyelwa yinyoni esandleni ngokuthola ithuba eliyingqayizivele lokuqokwa kwesokuba yinxusa lesitolo sezimpahla zokugqoka esizinze eGauteng, iCrawl.
Uthi bekuyisifiso sakhe seminyaka ukuthi ngelinye ilanga afike esigabeni sokuthi osomabhizinisi nezinkampani ezinkulu bakholelwe kuyena.
“Lokhu okwenzekile kwenza ngiziqhenye ngomculo wami nabantu abawuthengayo. Akusabuzwa ukuthi umculo wethu usukhulile ngoba lokhu bekungenzeki kithina,” kusho yena.
Uthi i-albhamu yakhe entsha iyatholakala kusona lesi sitolo. “Ubunxusa bungilekelela kokuni-ngi ngoba abantu sebezoyithenga na-kusona lesi sitolo i-albhamu yami njengoba abaphathi baso besezinhlelweni zokusabalalisa amagatsha abo eThekwini naseMpumalanga,” kusho uMgube. Ngaphandle kweNkosi yama-Gcokama, kule albhamu uMgube uhambisana nomculi uMzukulu nendodana yakhe, uMbekezeli Mgube.
Imizamo yokuthola iGcokama Elisha ukuba liziphendulele kokushiwo nguMgube ngalo, iphunzile njengoba belingatholakali oci-ngweni.
mthobisis@ilanga-news.co.za