Kuvela ukuthi lesi sigameko siqhubezele uqhekeko obeluvele lukhona emndenini
PHUMLANI GAMA
KUXABENE ubendle emndenini wakwaMhlongo eMboza, KwaMhlabuyalingana, kulandela isigameko sokutitinywa kubulawe ilungu lawo elisolwa ngokunukubeza ngokocansi umzukulu (12). Kubikwa ukuthi uMnu Sipho Mhlongo (58) ulalelwe unyendle ngamalungu omphakathi ebuya enkonzweni eManguzi ngezithuba zakusihlwa ngoLwesine. Kuvele ukuthi umufi ubesolwa ngokuthi wanukubeza isisulu ngomhla ka-12 kuMandulo (September) kophezulu. Umthombo osondelene nalolu daba uveza ukuthi umndeni uhlukene phakathi njengoba kuvela ukuthi bekuvele kunokungezwani phakathi kwawo amalungu omndeni. “Okushiya imibuzo wukuthi kungani engavulelwanga icala ngesikhathi kuqala ukuvela udaba njengoba abambulele beveze ukuthi isigameko senzeka mhla ka-12.
Okuqaphelekayo wukuthi lmndeni kawuzwani nje uwodwa, ukubulawa kukaMnu Mhlongo sekubhebhezele khona ukungezwani. “Thina sizwe ngoba sekukhala impempe. Ngokujwayelekile siyaye siphume emakhaya nasezindlini uma kukhala impempe ngoba iwuphawu lokwazisa umphakathi ukuba uqaphele ngokuba kukhona okungalungile okwenzekayo. Sonke simangele uma sifika khona kuthiwa ubaba uMhlongo ushayelwa ukudlwengula ingane kamshana wakhe. Uma sibuza ukuthi yinto eyenzeke nini, bathi sekunezinsuku yenzeka. Ngikhuluma nje, kumanje umndeni wakhona kawusezwani uwodwa,” kusho ilungu lomphakathi. ILANGA LangeSonto lixhumane noMnu Mbango Mhlongo ongumfowabo kamufi oveze ukuthi wafika endaweni yesigameko abantu bemshaya umfowabo.
“Ngifike endaweni yesigameko ngakhuluma naye umfowethu. Ungitshele ukuthi akazani nalesi sigameko asolwa ngaso. Mina ngibuze ukuthi ingane ibike kubani ukuthi yanukubezwa. Balivula kuphi icala. Yimuphi udokotela ohlole ingane. Leyo mibuzo yami ingidalele ukuthi nami ngibe mubi kulaba abebemshaya. Ngithe ngisendleleni ngezwa kuthiwa umfowethu usethungelwe ngomlilo. Kube buhlungu indlela ashone ngayo,” kusho uMnu Mhlongo. Ukuqinisekisile ukuthi umndeni kawusangenelani. “Namanje nje kushoniwe lapha ekhaya. Angiboni ukuthi bazongena kuphi. Bazofika bakhale bathini nje. Umfowethu washonelwa yinkosikazi eminyakeni eyedlule. Unezingane nabazukulu asebekhulile.
Lesi sigameko siwuhlukanisile umndeni. Ngeke ngimphikele umfowethu ukuthi ulenzile icala, bengihlala ngimkhuthaza ukuba aqine enkonzweni aziqhelelanise nophuzo oludakayo. “Ubekuthanda ukweshela abesifazane okuhlanganisa nabo abasebancane. Mina bengifuna ukuthi udaba lukhulunywe enkundleni yenduna yendawo njengoba sinemizi engaphansi kwezindawo zamakhosi. Bekufanele bakhulume bona, bangavumeli abantu bangaphandle bangene phakathi kwethu,” kusho uMnu Mhlongo. Ikhansela lendawo uMnu Thabani Gwala, lisigxekile isenzo samalungu omphakathi sokuzibambela ingalo yomthetho.
Uthe akulungile futhi akwamukelekile ukuthi uma kunezinsolo zalolu hlobo zikhulunywe ziphelele emindenini nasemiphakathini, kufanele kubikelwe amaphoyisa. “Kuyisifiso sami ukuthi ngixwayise umphakathi ngobungozi bokuzibambela umthetho ngezandla. Lokho kubeka engcupheni ikusasa labanye abantu ngoba amaphoyisa ayabopha maqede konakale izithupha zabo okwenza kube nzima ngisho nokuthola amathuba emisebenzi. “Amacala okanye izinsolo zalolu hlobo kazikhulunywa emakhaya nasemiphakathini kodwa kufanele kubikelwe izinhlaka zezomthetho okungamaphoyisa kanye neziNkantolo okuyizona ezigunyazwe ukuba ziphenye maqede kuthathwe izinyathelo ezifanele uma kukhona olahlwa yicala,”kuchaza uMnu Gwala. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu. phumlani@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za