UTshatha ‘udlelwe’ imoto esakaza

877

Kuthiwa iMercedes yakhe ilandwe emagcekeni asoKhozini FM

UTSHATHA Ngobe kuthiwa udlelwe imoto yakhe ephambili yohlobo lweMercedes Benz GLE Class esemagcekeni omsakazo. IYONA lena ashuthe eduze kwayo.

JOHN HLONGWA
KUTHIWA udinwe wathelwa ngama-nzi uKhathide “Tshathugodo” Ngobe ongumsakazi woKhozi FM, edlelwa imoto yakhe yohlobo oluphambili iMercedes Benz GLE Class emhlophe ngaphakathi emagce-keni alesi sikhondlakhondla somsakazo. ILANGA LangeSonto lincinzwe yimithombo yalo engaphakathi kulo msakazo ukuthi uTshatha wagqunqa waba mnyama emuva kwalesi sigameko esenzeke ngo-Lwesine ntambama. Uma uyilanda indaba umthombo uthi: “NgoLwesine ntambama kutheleke izinsizwa ezintathu, bezihamba ngezimoto ezimbili ngokwehlukana. Zifike zacela ukubizelwa lo msakazi obematasa esakaza njengoba bese luqalile uhlelo lwakhe lwantambama.


“Ngokukhulu ukungananazi uphumile waya kuzona. Babhunge okuthile emuva kwalokho sabona esebanika isikhiye semoto yakhe. “Iphume emagcekeni omsakazo seyishayelwa ngomunye kulaba abebefikile, wayophuma nayo ngesango. UTshatha ubuyele ngaphakathi wayoqhubeka nohlelo. Kumanje uhamba ngemoto iMazda. Ubuye lapho esedinwe eqhuma, kwasho khona ukuthi ubengekho obengakwazi ukumbuza ukuthi kwenzekeni.” Omunye umthombo ongaphakathi oKhozini utshele ILANGA LangeSonto ukuthi empeleni bese kunesikhathi kufika imilayezo ethi uTshatha uyafuneka kukhona abadinga ukuxoxa naye mayelana nenkokhelo yemoto. “Ngenhlanhla uhlelo kaluza-nge luphazamiseke njengoba kwaba yisikhathi esincane abasixoxa wabe esebuyela ngaphakathi,” kusho umthombo.


UTshatha ungomunye wabasa-kazi abangaconsi phansi kubalaleli balo msakazo njengoba eshayela uhlelo lwantambama oluthandwayo, iWoza Nabangani Bakho (WNB) ngokubambisana noSelby “Selbyonce” Mkhize oluqala ngo-15h00 lusongwe ngo-18h00 kusukela ngoMsombuluko kuze kube wuLwesihlanu. Usewole inqwaba yezindondo ngekhono lakhe lokusakaza. Leli phephandaba limfonelile uNgobe kepha akaze aluphendula ucingo lwakhe, okwenze lamthumelela umlayezo ngenkundla yezokuxhumana iWhatsApp, awuphendule kanje: “Yehheni bantu! Manje pho uma idliwe sekufe bani ngalokho? Uma idliwe leyo moto pho nami ngidliwe yini? Hhayi ake ningiyeke bafowethu ngezinto ezingathi shu!” hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleBasabisa ngokulaxaza ukuqapha izikhulu zikamasipala
Next articleIphinde yaphoxa iChiefs