Ucishe waphuthwa wukuyokweseka umkakhe ebeletha
LUCKY CAIN
KUSISHIYE siphithene ikhanda isilomo soKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe (osesithombeni)ukuthola imiphumela engefani yeCovid-19, njengoba sitshelwe ukuthi sinalesi sifo ngoLwesibili, kwathi izolo ngoLwesithathu kwaphuma ethi simsulwa.
UTshatha, oshayela uhlelo lwasekuseni olubizwa ngokuthi, Isidlo Sasekuseni ngokubambisana noVukile Nongcebo Mckenzie ngoLwesibili kuvele ukuthi utholakale enegciwane lalo mkhuhlane ngemuva kokuhlolwa ngeledlule, kanti ubengenazo izimpawu ezihambisana nalo.
Izolo lishone sekuvele ukuthi akanalo leli gciwane, okuyinto edide futhi yamangalisa abaningi, kubalwa naye uqobo lo msakazi. Uveze yomibili imiphumela yakhe njengoba omunye ubukhombisa ukuthi unaleli gciwane, kanti omunye umkhipha emsulwa.
Ekhuluma neLANGA ngemuva kokuvela komphumela wesibili uTshatha, uthe usadidekile ngokwenzekile njengoba udaba lwemiphumela yakhe lungagcinanga ngokuphazamisa impilo yakhe kuphela, kodwa nenhlangano yezokusakaza iSABC KwaZulu-Natal, okubalwa iziteshi zayo uKhozi FM neLotus FM.
Ukhale ngobudedengu obenzekile njengoba ebehlolelwa ukuba akwazi ukuphelezela umkakhe uma eseyobeletha ekuqaleni kwenyanga ezayo. “Ingixake kakhulu into eyenzekile ngoba ngesikhathi ngiyohlola okokuqala, bengihamba nomkami njengoba ezithwele, eyakhe imiphumela imkhiphe emsulwa kuleli gciwane, mina kwathiwa nginalo.
“Nakuba lokhu kungixakile ngoba sihlala ndawonye endlini, kodwa ngamukelile, ngaqhela ngokushesha eduze kwakhe,” kusho yena eveza ukuthi zimshaqisile lezi zindaba.
Uveze ukuthi ubengakaze abe nazo izimpawu zaleli gciwane futhi usazizwa ewumqemane. Uqhube ngokuthi izolo esagonqile, kufike imiphumela yesibili, imazisa ukuthi akanalo leli gciwane.
“Ngimane ngaphithana ikhanda, ngicabanga umonakalo imiphumela yokuqala eyenzile, okubalwa ukuvalwa kwezindlu zokusakaza, nokuphoqeleka ukuba kuhlolwe nabantu ebengisebenza ngokusondelana nabo,” kusho uTshatha.
Unanele ngokuthi nakuba eyamukela le miphumela, kodwa usazoxhumana nabameli bakhe ukuze bameluleke ngezinyathelo okumele bazithathe ngoba kuningi okuphazamisekile ngalobu budedengu.
Uthe uyajabula ngoba isifiso sakhe sokuba seduze komkakhe uma eqeda ukubeletha, sesizofezeka. Uphethe ngokuthi uzoqhubeka nokusakaza esekhaya njengoba bekuhleliwe kuze kube konke kubuyela esimeni emsakazweni.
Esitatimendeni esikhishwe yiSABC, iveze ukuthi ikhathazekile ngesigameko esithinta imiphumela yesisebenzi sayo. I-SABC ikuqinisekisile ukuthi isiyibonile yomibili le miphumela.
Iqhube ngokuthi ngokwemigomo abayilandelayo, bazoqhubeka nokulandela imigudu efanele ukuqinisekisa ukuphepha kwezisebenzi.
“Udaba lwale miphumela lube nomthelela omkhulu kule nhlangano, okubalwa nokuvalwa kwezindlu zokusakaza, ukuze ezinye zezisebenzi zihlolwe ngokushesha futhi nebhilidi lihlanzwe ngokweqile,” kusho iSABC.
Iqhube yathi ukusebenza okujwayelekile kulezi zindlu zokusakaza kuzoqala kusasa ngoLwesihlanu. Ibe isibonga ukwesekwa nemilayezo ekhuthazayo evelile ngemuva kwalesi sigameko.
Ngaphandle kokushayela uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku, uTshatha uphinde aphathe olukamaskandi ngoMgqibelo olubizwa ngokuthi, Sigiya Ngengoma.
Kulo nyaka uTshatha uhlabane nezindondo ezimbili emcimbini wokuklomelisa obizwa ngeMzansi Viewer’s Choice Awards, njengoba egoduke nomklomelo omkhulu ngokuvotelwa kakhulu kunabanye abebeqokiwe kweminye iminxa