THANDI ZONDIĀ
KUMTHATHE isikhathi ukukwazi ukufeza iphupho lakhe lokungena emculweni uSkhumbuzo Thabede (osesithombeni) owanqatshelwa ngabazali ukungena kulo mkhakha. Lo mculi uthi wahamba eyofunda eGoli, kwathi emuva kwezinyangana, watshela abazali ukuthi ucela bamuphe imali yokwenza i-demo uma ebuya ngamaholidi ePhasika. “Bavuma. Bakhombisa ukungabi nankinga, kepha kwathi uma sebengihlalisa phansi bathi ngeke ngisabuyela eGoli ngoba umqondo wami usudukiswa yilo,” kusho uSkhumbuzo odabuka eChwezi, eNkandla.
Echaza ngohambo lwakhe emculweni, uthi yinto yasemndenini, ukhule emndenini ocula umaskandi, ingoma-busuku, amahubo nesicathamiya.Ā Nokho uthi kwamsiza ukwenqaba kwabazali bakhe ukuba angene emculweni ngalesi sikhathi. “Ngakwazi ukuqhubeka nemfundo, ngasebenza, nomqondo wahlakazeka. Bengazi ukuthi umculo yinto engingagxila kuyo nxashana sengikwazile ukuzimela empilweni,” esho.Ā
Uchaza umculo wakhe njengowomoya futhi nowelaphayo. Ukhiphe i-EP Ethiopia āImvunge yakwaNtuā asebenze kuyo noTu Nokwe, uZithulele, uQiniso Nsele noNomfundo Moh.Ā “UmculoĀ ngiwuthatha njengobizo. Ubizo uyaluziba kepha uma kumele ululandele awukwazi ukubaleka. Kimina bewufana nento engingabalekela kuyo uma ngibhekene nezinselelo zempilo. Singamadoda iningi lethu kalikhulumi, yingakho nami konke engikuzwayo bengikukhiphela emculweni,” esho.Ā
Uthi iphupho lakhe wukuthi umculo wakhe ube yingxenye yamafilimu nomabonakude (soundtrack) eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
Isihloko se-EP yakhe ithi Imvunge yakwaNtu, phakathi kwezingoma ezingaphakathi kuyo kukhona ethi ‘Into enzima’ ‘Insingizi’ nethi ‘Uzohamba nobani’ athi zitshengise ukuba nesasasa. Uthi uyakholelwa kakhulu kwisigqi sase-Afrika.Ā “Ngiyakholelwa kwisigqi sase Afrika namanye amazwe kusobala ukuthi ayasijabulela. Uma ubuka abantu esingabala kubo oMirriam Makeba noLadysmith black Mambazo ukuze bakwazi ukuvelela nakwamanye amzwi bagxila kokungokwabo kwase-Afrika,” kuqhuba yena.Ā
NgoMandulo (September) uzobe ethula i-albhamu enezingoma eziwu-14, ethi āImpande yesiSekeloā.