THANDI ZONDI
ASANGENA elakanyana amazwi enduduzo emuva kokudlula emhlabeni kukaBulelwa “Zahara” Mkutukana (osesithombeni), wodumo lwengoma eyashisa izikhotha, ethi “Loliwe”. UNkk Nomusa Dube-Dube ongundunankulu waKwaZulu-Natal, naye usebhonge emswanini. Uchaze lo mculi njengesakhamuzi sakulesi sifundazwe – yize ebengowase-Eastern Cape – kwazise ubevamile ukuqashwa emicimbini eyenzelwa KwaZulu-Natal. “Ngidangele ngezindaba zokwedlula kukaZahara. Umculo wakhe othinte abantu abehlukene. INingizimu Afrika ilahlekelwe ngumculi ebesisalindele amanoni amaningi kuyena. Ukushona kwakhe kunzima kakhulu ngoba usishiye ngemuvana nje kwesonto kade sigubha iminyaka eyishumi kwashona uMadiba – ambhalela ingoma yokumhlonipha noMzwakhe Mbuli,” esho.
UMnu Zizi Kodwa ongungqongqoshe wezobuciko namasiko, uthe: “Ngibuhlungu ngokwedlula emhlabeni kukaZahara. Ngithi dudu emndenini wakwaMkutukana nemboni yezomculo eNingizimu Afrika. Uhulumeni ubulokhu unomndeni isikhathi esithe ukuba side. UZahara nesigingci sakhe bayibekile induku ebandla kwezomculo eNingizimu Afrika,” esho.
Ezinkundleni zokuxhumana nakhona amazwi alokhu engenile.
Umculi uNhlanhla Mafu, uthe: “Aah Mazet mfethu. Nxese sisi, nxese mntasekhaya. Dudu emndenini wakwaMkutukana nabo bonke abathandiweyo bakhe.”
Umculi uBig Zulu, uthe: “Awu ezibuhlungu kazipheli. Hhayi kunzima, ulale ngokuthula dadewethu. Siyabonga kakhulu ngomculo opholisa amanxeba.”