UTylor ICU umele iNingizimu Afrika kwiMTV Awards

1203

INTATHELI YELANGA

IQOKELWE eminxeni emithathu ebalulekile kwemine, kwi-2023 MTV EMA Awards ezokuba mhla ka-5 kuLwezi (November), indodakazi yomlingisi waseNingizimu Afrika, okusanda kusabalala imibiko yokuthi kakwehlanga kahle kuye ukuthi ibingekho emshadweni wakhe, obungenyanga edlule. U-Amala Ratna Zandile Dlamini, odume ngelikaDoja Cat, oyindodakazi kaDumisani Dlamini wodumo lukaMbodla kwi-Isibaya – esasigabe ngabalingisi okubalwa kubo uSiyabonga Twala, u-Ayanda Borotho, uCeleste Ntuli noThembi Nyandeni – uqokelwe emunxeni weBest Song, oweBest Video, oweBest Artist noweBest US Act. KoweBest Song noweBest Video uqokwe ngengoma yakhe ethi “Paint the Town Red”. Uzobe eqhudelana nezinye izintokazi ezaziwayo kulo mkhakha okubalwa kuzo uTaylor Swift, uMiley Cyrus, uSelena Gomez, uSZA noNicki Minaj. Emunxeni iBest African Act, iNingizimu Afrika imelwe nguTyler ICU oqhudelana no-Asake (Nigeria), uBurnaboy (Nigeria), uLibianca wase-USA (abazali bakhe abangabaseCameron) noDiamond Platnumz waseTanzania. UTyler ICU uhamba ezinyathelweni zikaZamajobe, uHHP, iMi Casa, IGoldfish, u-AKA, uBlack Coffee, uCassper Nyovest, uBabes Wodumo, uNasty C, iDistruction Boyz, uShekhinah, uKabza de Small, uDJ Maphorisa, uFocalistic, uMusa Keys, iMafikizolo noPrince Kaybee asebeke baqokwa kulo mncintiswano eminyakeni edlule – kusukela ngo-2005. Sekuqalile ukuvotelwa kweBest Song, iBest Artist, iBest Collaboration nomunxa omusha, i-Best Afrobeats – okukhona kuwo u-Ayra Starr (Nigeria), uBurnaboy, u-Asake, u-Aya Nakamura (waseFrance kodwa inkaba yakhe eseBamako, eMali), uDavido (Nigeria) noRema (Nigeria) – kanti kuyoze kuvalwe mhla ka-31 kwephezulu. Uma ufuna ukuvota ungena ku-www.mtvema.com. Onqobe kwiBest Video uzoqokwa yiMTN. Abalandeli ezifundeni eziwu-24 sebvengaqala ukuvotela amaciko abawathandayo (okuyilapho kukhona nomunxa kaTylor ICU). Nawa amazwibela eminxa ewu-42 yalo mcimbi wezindondo:-

BEST SONG Doja Cat – Paint The Town Red Jung Kook feat. Latto – Seven Miley Cyrus – Flowers Olivia Rodrigo – vampire SZA – Kill Bill Taylor Swift – Anti-Hero Rema, Selena Gomez – Calm Down  
BEST VIDEO Cardi B feat. Megan Thee Stallion – Bongos Doja Cat – Paint The Town Red Little Simz – Gorilla Miley Cyrus – Flowers Olivia Rodrigo – vampire SZA – Kill Bill Taylor Swift – Anti-Hero  
BEST ARTIST Doja Cat Miley Cyrus Nicki Minaj Olivia Rodrigo SZA Taylor Swift 
BEST US ACT Doja Cat Nicki Minaj Olivia Rodrigo SZA Taylor Swift
BEST AFROBEATS Asake Aya Nakamura Ayra Starr Burna Boy Davido  Rema

UDOJA Cat noyise uDumisani Dlamini.

NGU-TYLER ICU oyithemba leNingizimu Afrika.

Previous articleKulimale abathathu kuqhunyiswa imoto yemali
Next articleKunxuswe izitshudeni zaseMUT ukuhlonipha uShenge ngevoti kolweSRC