Umndeni usucabanga ukuthutha endaweni
SKHOSIPHI MTHEMBU
USUCABANGA ngisho ukuthutha endaweni umndeni wakwaNgema eZindlozi, eNkandla, okubikwa ukuthi uhla-liswe lubhojozi ngowesilisa ofuna ukulala nendodakazi (17) yawo nge-nkani njengoba kuthiwa useke wa-songa ngokuyidlwengula.
Okwenza lo mndeni ushaywe ka-khulu wuvalo, wukuthi lo mlisa oneminyaka elinganiselwa ku-30 ubudala, uwuhlaselile emuva kokuba umfunele incwadi yesivimbelo senkantolo ngoNhlangulana (June).
Kuthiwa lo mndeni uwutshele ukuthi ufuna ukulala noThandeka Ngema (okungelona igama lakhe la-ngempela ukwenzela ukumvikela), amkhiphe intuthu egcwele
ikhanda.
UNkk Phumelele Ngema ongu-nina kaThandeka, uthi uselindele noma ngabe yini engenziwa yilona wesilisa kubona ngoba kuyacaca ukuthi uzimisele ngokuyidlwengula impela ingane yakhe.
Uthi kayikho imizamo angayenza-nga, okuhlanganisa nakho ukufuna incwadi yesivimbelo senkantolo, okuthe ngelanga abayihambise nga-lo kubo kamsolwa – behamba nama-phoyisa – bafika engekho.
“Lo mfana uqale ngokuthi ingane yami ayivimbezele njalo uma iya noma ibuya esikoleni, ingibikelile ngalokhu kodwa sazitshela ukuthi kuzodlula.
“Into eyenze ukuba sisukume wu-kuthi ubeseze afike nalapha ekhaya ezoyifuna ngoba ethi ufuna ukulala nayo. Nasesikoleni ingane ilubikile udaba kodwa kungekho othisha abebengakwenza ngoba lo mfana akafundi.
“Siyile emaphoyiseni satshelwa ukuthi kumele siyothola incwadi yesivimbelo enkantolo. Sikwenzile lokho, asiphelezela amaphoyisa saya kubo ukuze ezoyisayina.
“Sifike engekho, amaphoyisa ashiya umlayezo othi makaye esite-shini ayosayina le ncwadi. Ngalo lolo suku, uvele watheleka emzini wami ebusuku silele, wakhahlela isicabha wangena ngaphakathi. Ubephethe ummese, engitshela emehlweni ukuthi uzolanda ingane yami ufuna ukuyikhipha ukusa ngo-ba imulandele amaphoyisa.
“Okungiphatha kabi kakhulu wu-kuthi akakaze athandane nale nga-ne futhi mdala kakhulu kunayo. Isibindi nje sokungitshela emehlweni ukuthi ufuna ukulala nendo-dakazi yami isencane ngale ndlela! Ngiwabikelile amaphoyisa ngalo-khu, kodwa namanje lo mfana usazicanasela.
“Kasazi sizokwenzenjani uma kuvulwa izikole ngoba kuyacaca ukuthi uzoyibulala ingane yami,” kuzikhalela uNkk Ngema. UNkz Ncamisile Khanyile ongudadewabo kaThandeka, uthi lona wesilisa indlela asewuhlukumeze ngayo umndeni wakhe, sebecabanga nokuthutha endaweni.
“Senginesikhathi ngizwa ngalo mfana njengoba mina ngiseShowe ngokomsebenzi. Indlela isimo esibi ngayo, sesicele umfowethu omnca-ne obeyofuna amatoho eGoli ukuba abuye ukuze kube khona umuntu wesilisa ekhaya. Nakhona lapho usaqhubeka lona wesilisa nokuchanasa,” kusho uNkz Khanyile.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokucekela phansi impahla elivuliwe kanti amaphoyisa azobopha maduzane. Mayelana nodaba lokuhlukunyezwa kukaThandeka, uthe ama-phoyisa ayalulandela udaba futhi ayaxhumana nomndeni.
Ube eseluleka umndeni ngokuthi uma unenkinga, kumele uxhumane nomphathi siteshi ukuze uzosizakala.
skhom@ilanganews.co.za