Uvele enkantolo nesoka “odayise” indodakazi (13) yangcina ikhulelwe

243

PHUMLANI GAMA

UVELE kafushane ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseThekwini nesoka lakhe elingunogada owesifazane (32) waseLovu, eThekwini, osolwa ngokulithengisela indodakazi yakhe (13) ngoba ethenjiswe ilobolo lika-R300 000. Baboshwe ngeledlule ngezinsuku ezingefani. 

Zibakhalele emuva kokuba isisulu sibike udaba kumakhelwane, yena olwedlulisele esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial. 

Ngokulandisa komthombo weLANGA, owesilisa uqale ukubona isisulu kumakhalekhukhwini kanina waso obehlala ngokufaka izithombe zaso kwi-status kwiWhatsApp. “Kuthe uma ebona izithombe zengane, wabuza intombi yakhe ukuthi ngubani lona. Iphendule ngokuthi yindodakazi yayo. 

Uthe (umsolwa) kungcono ayinike yena le ngane uzoyilobola ngoba yena usemdala futhi unezingane ezine koyise abehlukene kanti emakhaya KwaNongoma ngeke bakwamukele ukuthi alobole umuntu osesigabeni akusona. “Ingxoxo yabo iqhubeke kwaze kwafikwa odabeni lwenhlawulo nelobolo. Owesilisa uthe uzokhokha u-R300 000 welobolo ohambisana nenhlawulo yokugeza izintombi nenkomo yomqhoyiso. “Ngokusho kwengane, ithi ngoZibandlela (December), kuhlelwe usuku lokuhlangana nomsolwa yona ingazi ukuthi kwenzekani. Unina uyitshele ukuthi bayothenga izimpahla, baphinde bazithokozise ngokudla kwelinye lamahhotela asenkabeni yedolobha iTheku. 

   “Unina wengane ufike lapho wayiyalela ukuba yenze konke okushiwo yisoka. NgoNhlolanja (February) nonyaka, kutholakale ukuthi ingane ikhulelwe. Ngenxa yokuthi ekukhulelweni kwayo bekunezinkinga (molar pregnancy), odokotela basikhiphile isisu. Umsolwa ubeqhubeka nokulala nengane. Ngolunye usuku ufikile eyifuna, yaphuma sengathi iyabuya kanti iyobika udaba kumakhelwane,” kusho umthombo. 

ILANGA lixhumane noyisekazi wesisulu (esiligodlile igama lakhe) olitshele ukuthi bashaqekile ngokuvela kwalolu daba. Uthe babizelwe esibhedlela beyobikelwa ngodokotela ngokwenzekile. 

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Mhlaba Memela, uthe: “Abakwenzile kuwukukhohlakala okuphindiwe. Amaphoyisa nenkantolo kufanele benze isiqiniseko sokuthi abasolwa kabadedelwa. Siwumnyango sizongenelela ngokuthumela ithimba losonhlalakahle elizonikezela ngosizo oludingekayo emndenini nakusona isisulu,” kusho uMemela.   

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, likuqinisekisile ukuvulwa kwecala nokuboshwa kwabasolwa. Leli phephandaba lizamile ukuthola ukuphawula kwamaphoyisa kwangalunga. 

   ULt-Colonel uRobert Netshiunda ubengatholakali ocingweni kanti nemibuzo abethunyelelwa yona  ubengayiphenduli okuhlanganisa nekaWhatsApp abethe ILANGA malimthumelele kuyo. 

Previous articleUsagcwele amathafa “obulale” intombi ngenduku yegalofu
Next articleUKhumalo uchithwe yinkantolo kolokubuyiselwa kwesokuhola iMK