Uvele enkantolo “umalume” osolwa ngokudlwengula umfundi

176

PHUMLANI GAMA 

UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaKwaMbonambi “umalume” (57) oyamaniswa nezinsolo zokunukubeza umfundi (11), obesekuphele iminyaka emhambisa esikoleni sendawo, eKupheleni, khona KwaMbonambi. 

Umsolwa – eligodliwe igama lakhe ngenxa  yezizathu zomthetho – kuthiwa le mikhuba  ubeyigila emzini wakhe osesigodini esiwumakhelwane. 

Umthombo weLANGA uveze ukuthi isisulu sabikela abazali baso ngokugilwa ngumsolwa mhla ka-05 kuMbasa (April) nonyaka. Kuthiwa udaba lwabikwa emaphoyiseni, kwaqalwa uphenyo oluholele ekutheni aboshwe. 

Ingane ithi umsolwa wayithatha wayishiya esikoleni, emuva kwalokho wabuyela ukuyoyilanda isiyodwa. Ithi akabange esayigodukisa, waya nayo emzini wakhe, wafike wayigila. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi umsolwa uvelile enkantolo ngecala lokudlwengula, kulindeleke ukuba abuyele enkantolo khona maduze.

Previous articleKulandwe obese-UKZN ukuvala isikhala somphathi wase-UCT
Next articleUNyazi luzwakalise ukukhathazeka ngentsha lukhuluma eSwazini