NONHLAKANIPHO SHINGA
BEZIPHUME ngobuningi izintombi nto, ziyozwakalisa ilaka lazo ukuba anganikwa ibheyili uthisha waseBizimali, eNkandla (esingeke silidalule igama lakhe okwamanje) osolwa ngokunukubeza umfundi (17) wakulesi sikole ephuma eMkhosini woMhlanga.
Lezi zintombi nto, beziphethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi kazifuni ukumbona ngaphandle umsolwa okuthiwa ugile lo mkhuba emasontweni amabili edlule, intombi iphuma eMkhosini woMhlanga obusesiGodlweni saseNyokeni, KwaNongoma.
Ngokusho kukayise wesisulu (eligodliwe igama lakhe ukuvikela umfundi), uthole ucingo obeluvela endodakazini yakhe ngomhla ka-10 ngeSonto eledlule ngabo-3 ntambama, imbikela ukuthi isisedolobheni eGreytown, kazisekho izimoto eziya eNkandla.
“Ifunda eBizimali, eNkandla, lo thisha siyazana naye, sijwayelene njengoba engowangasekhaya. Ngafonela yena, ngacela ukuthi angilekelele, angithathele indodakazi ngoba bezingasekho izimoto, wangaba nankinga.
“Njengoba indodakazi yami yayifike ngoLwesihlanu iya
eMkhosini woMhlanga, yayikade ifike naye lo thisha, ibuya esikoleni. Yangishayeli ebusuku, ingibikela ukuthi useyinukubezile lo thisha,” kusho uyise wesisulu.
ILANGA Lempelasonto lathola ngemithombo yalo ukuthi uMnu Dhlomo washaqwa ngamaphoyisa esikoleni ngomhla ka-11, okuwusuku avulelwa ngalo icala.
“Amaphoyisa amcela kuthishanhloko, wabizwa, amthatha ngaleso sikhathi, embopha,” kusho umthombo.
Icala lihlehlele leli sonto.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za