LUCKY CAIN
USEQALILE ukweshelwa ngamanye amaqembu uMnu Vusi Khoza (osesithombeni) obeyilungu elisesikhundleni le-EFF, okhonjwe indlela nozakwabo, ngenxa yokwehluleka wukuthola amabhasi ayezothutha amalungu aleli qembu ngesikhathi ligubha iminyaka ewu-10 eGoli ngoNtulikazi (July) nonyaka.
UKhoza uxoshwa nje, uke wahola leli qembu njengosihlalo KwaZulu-Natal. Ubeyilungu lephalamende futhi esekomidini laleli qembu elithatha izi-nqumo, i-central command team.
Ube nengxoxo ekhethekile neLANGA mayelana nekusasa lakhe kwezepolitiki. “Ipolitiki yiyona nto engiyaziyo futhi ukulwela abantu abangakwazi ukuzilwela, yikhona engikwaziyo. Ukuxoshwa kwami kwi-EFF akusho ukuthi sekuphelile ngami kwipolitiki,” esho.
Uthe ngokwemigomo yeqembu, usenalo ithuba lokudlulisela phambili ukuxoshwa kwakhe.
“Nginezinsuku eziwu-20 ukudlulisela ukuxoshwa kwami ekomidini elibizwa nge-appeals committee. Njengoba ngixoshwe mhla ka-18 kuMfumfu (October), kazikapheli izinsuku eziwu-20,” kusho yena.
Nakuba kunjalo, uKhoza uthi ngemuva kwezinkulumo zikaMnu Julius Malema ongumengameli we-EFF ngaye, mancane amathuba okuthi uzolisebenzisa leli thuba.
“Izinkulumo zakhe zikubeke kwacaca ukuthi akasangidingi,” kusho uKhoza
UMnu Malema ucashunwe ngabezindaba ethi usexoshiwe uKhoza, akaselona ilungu le-EFF. UKhoza utshele leli phephandaba ukuthi amaqembu ezepolitiki aseqalile ukuxoxa naye ngenhloso yokuthi abe yilungu lawo.
“Okwamanje angikasithathi isinqumo sokuthi ngizojoyina liphi iqembu. Ikhona imihlangano engiba nayo namaqembu njengoba ekhona engihambisana nawo namanye engingasoze ngawajoyina ngisho ethanda kangakanani,” kusho yena.
Uthe usabuhlonipha ubuholi bukaMalema futhi usebenze kahle naye kule minyaka ewu-10 eyilungu lokuqina le-EFF. Uveze ukuthi ubengenankinga nokuthathelwa izinyathelo ngokuhluleka ukulandela imiyalelo yeqembu, kodwa okumenze wakhala kakhulu, kube yisigwebo asitholile nabanye ozakwabo.
“Ngiyakhala kakhulu ngesigwebo sokuxoshwa kwabantu, besingabakhona esinye ebesingabangcono,” kusho yena.
Uthi kwaba wumqansa ukuqasha amabhasi awu-20 njengoba kwakulindelekile.
“Lokhu kwakuzosho ukuthi kumele ngibe nemali engango-R1 mi-llion, ngangizoyithathaphi nginje?” kusho yena ephetha ngokuthi wahluleka ngisho uwkuthola ibhasi eyodwa nje vo.
Abalelwa ngaphezulu kuka-60 amalungu aleli qembu akhonjwe indlela ngenxa yokuhlulwa yilo myalelo, iningi lawo lidabuka KwaZulu-Natal.
Kulesi sifundazwe kuxoshwe amalungu awu-33, iningi lawo okungamakhansela.