Uveza okumdumazile nge-Afcon yalo nyaka

508

 

UDALULA okungazange kumjabulise ngomqhudelwano weCaf Africa Cup of Nations (Afcon) uMengameli wale nhlangano uPatrice Motsepe.
Imidlalo e-Afcon isongwe izolo ngeSonto ebusuku e-Ivory Coast. Lo mqhudelwano usongwa nje, uthathwa njengobe seqophelweni eliphezulu ukuyedlula yonke esike yaba khona. Nakuba kunjalo uMotsepe uveza izinto ezingamjabulisanga ngawo.

“Kunezinto ezingazange zingijabulise neze ngalo mqhudelwano, ezingiphathe kabi. Bathe mangingakhulumi ngazo kodwa uma ngingenza nje isibonelo umdlalo weSenegal neGambia uke waphazamiseka ezinye izingxenye zawo kwaphoqeleka ukuba umiswe ngenxa yezizathu ezithile.

“Yisimo esingamukelekile lesi emqhudelwaneni omkhulu njengalona, yinto okungafanele yenzeke. Okwesibili ngibikelwe ukuthi kunezintatheli ezibe senhlekeleleni yengozi yebhasi. Ingizwise ubuhlungu le nto ngoba ezinye kuphoqe ukuthi ziphuthunyiswe esibhedlela zilimele. Izinto ezinjengalezi kazidingeki emqhudelwaneni wethu, kufanele sizigweme,” esho.
Uthi ngaphandle kwalezi zigigaba, ugculisekile ngezinga lalo mqhudelwano nangendlela amaqembu abezimisele ngayo.

“Izinga esilikhombise kulo mqhudelwano litshengisile ukuthi singenza izinto ezinkulu e-Afrika. Kodwa konke lokho kulele ekutheni sisebenze ngokubambisana futhi sesekane. Nginethemba lokuthi umqhudelwano olandelayo uzokuba ngaphezu kwalona.
“Ngiyishayela ihlombe i-Ivory Coast ngendlela ehlele ngayo lo mqhudelwano, ube sezingeni eliphezulu yize zibe khona izingqinamba ezingangiphathanga kahle,” esho.

Previous articleUsale enkundleni umaskandi bedubulana namaphoyisa
Next articleBaphikisa umthetho wokuthenwa kwabadlwenguli