uveza okumyisa e-england ufurman

960

SENZO SOKHELA

UDEAN Furman olibangisa e-England. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UVEZA isizathu okuyisona esenze wanquma ukushiya ikilabhu egijima kwi-Absa Premiership umdlali weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana. 

UDean Furman (31) odlala esiswini kwiSuperSport ujoyine le kilabhu ngo-2015 esuka kwiDoncaster Rovers edlala kuLeague 1 wase-England. 

Lo mdlali ubeqala ukudlala kuleli njengoba ekhulele e-England. 

Inkontileka yakhe neSuperSport iyaphela uma kusongwa isizini. 

Uveze ukuthi ngeke ayelule, ubuyela e-England. 

“Ngikhulumile nabaphathi bekilabhu ngabazisa ukuthi ngeke ngisakwazi ukuqhubeka nokudlala kuleli cishe sengizoqhubeka e-England yize ngingazi ukuthi ngizojoyina yiphi ikilabhu. 

“Kodwa-ke isizathu okuyisona esenza ngingayeluli inkontileka yami yinkumbulo yomkami ozinze e-England ozithwele. 

“Bese kunzima ukuphila impilo yokuvakashelana yingakho nginqume ukuthi ngibuyele emuva ngiyohlala nomndeni wami,’’ kusho uFruman. 

Uthi iSupersport iyohlezi isenhliziyweni yakhe. 

“Ngiyilokhu engiyikho nje kungenxa yayo inginike ithuba lokudlala ezweni engizalelwe kulo. 

“Yize ngifike sengikhulile kodwa ngizuze lukhulu kuyona. Ngiyayibonga ngengenzele kona. 

“Into engimise kabi nje manje yile nto yenkontileka yami nayo ephelayo. 

“Njengoba iFifa ithe azilulwe izinkontileka angazi ukuthi kuzokwenzakalani. 

“Kodwa-ke ngizolinda ngibone ukuthi kugcina kanjani,’’ kusho yena.

Previous articlesiphithanelwa yikhanda isikhulu sekilabhu ye-psl ngeligi
Next articleUmqeqeshi ugoloza ukudedela umdlali ozingelwayo