Uveza okwenzaangabi namagoliamaningi kwiPirates

245

U-Erasmus uthi ukube unomhobholo, ngabe kukhulunywa okunye

SENZO SOKHELA
UPHUMELE obala ngesizathu esenza angavaleli inqwaba yamagoli uKermit “Romeo” Erasmus, oyisilomo somgadli we-Orlando Pirates. IBucs isayinise u-Erasmus (32) esuka kwiMamelodi Sundowns ngoMandulo (September) nyakenye. Kuthiwa isizathu sokwehlukana kwakhe neDowns yingoba, ubengasahoshelani kahle nomqeqeshi wayo uRulani Mokwena. Nokho ufike kwiBucs wenza kahle, yize engashayanga amagoli atheni. Emidlalweni ewu-18 ayigijimile, ushaye igoli lalinye. Lo mdlali uveza isizathu esenza angavaleli inqwaba yamagoli. “Inkinga yami wukuthi kanginawo umhobholo, uma ngingaba nawo, ngingashaya inqwaba yamagoli. “Ngiyilolu hlobo lomdlali okholelwa ekudlaleni nozakwabo.


“Noma ngabe kukore bani, kangibi nankinga, inqobo nje uma ikilabhu inqobile. “Ekugcineni kosuku yilokho esikuzele lapha, ukuthi ikilabhu inqobe, kakukho ngathi,” kusho u-Erasmus. Uthi ufuna ukukhunjulwa njengomuntu obe neqhaza empumelelweni yekilabhu, hhayi ngokunqoba imiklomelo eqondene naye yedwa. “Ngihlale ngiphokophelele ukuthi yini okufanele siyinqobe njengekilabhu. “Ngifuna ukukhunjulwa njengomuntu onqobe izinto nekilabhu hhayi ngedwa. “Kule sizini esiphuma kuyona, konke kuhambe ngokohlelo, sinqobe izinkomishi ezimbili saphinde salala isibili kwi-log. “Lokho kusho lukhulu kimina njengomdlali.”
senzos@ilanganews.co.za

Previous articleUzobhadla ejeleowakha itulo lokubulalaunina wezingane
Next articleBasonga ukuthatha izinyathelo ngomfundi’ombiswa umgodi ongangaye ejeziswa’