Uveze ukuthiwayethandananesisulu unesi’owasidlwengula’

450

Uchazele inkantolo ngokwaholela ekutheni agcine enze lesi sigameko esemsebenzini

JOHN HLONGWA

UGEQE amagula ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseCamperdown, eMkhambathini mayelana nezinsolo zokuthi “wayinukubeza” kanjani intombazanyana eyayineminyaka ewu-16 ngoMbasa (April) 2021, owesilisa owayengunesi emtholampilo iHlengisizwe. Lo mkhuba kuthiwa wenzeka emtholampilo isisulu sihamba nabazali baso. UMnu Philasande Khumalo ongaphandle ngebheyili ubegibele ebhokisini, echazela inkantolo ngokwenzeka ngosuku lwesigameko. ILANGA selibike kaningi ngaloludaba. Emuva kokuvela kwalolu daba, uMnu Khumalo washaya utshani, washiya ngisho umsebenzi.


Utshele inkantolo ukuthi isisulu kwakuyintombi yakhe, futhi basebenonyaka bethandana. Uzivumele ngokwakhe ukuthi wenza iphutha ngokuya ocansini nesisulu emahhovisi asemtholampilo. Echaza ngokwenzeka, uthe: “Ngamqhweba ehleli nezinye iziguli kulayini, ngambizela
ehhovisi lami, wangena savala. Sesingaphakathi sathintana kwaze kwashisa igazi.” Uthi emuva kwalokho waqala wenza imigilingwane. Uthe waphazanyiswa wukukhala kombhede owawubanga umsindo, wasaba ukuthi kuzozwa abantu abakwamanye amahhovisi ngababekwenza. Uqhube wathi ngokuzwa ukuthi umbhede ubanga umsindo, isisulu wasehlisa, baqhubeka nabebekwenza. Imantshi, uLinda Lewis nomshushisi uVeraysha Moodley, bebelokhu bemhole njalo ngemibuzo, befuna kuvele iqiniso lokuthi ngabe uMnu Khumalo wayethandana ngempela yini nesisulu.


Bambuze ukuthi ngabe uyakwazi yini kubo kwesisulu, sifundaphi, wasigcina nini, umndeni waso uyawazi. Uphendule ngokuthi akakwazi kubo kwesisulu futhi ubengeke azihluphe ngokuyosibheka ngakubo ngoba “uyise uyinkabi esatshwayo”. Bamtshele ukuthi kuyaxaka ukuthi umuntu athi ubemthanda kangaka, kodwa akakwazi kubo futhi akazi muntu wakubo, akakaze ayombheka ngisho esikoleni abefunda kusona.
Imantshi iphinde yamxina ngombuzo othi ngoba uthi isisulu kwakuyintombi yakhe, yini pho le eyayingamenza aphuthume ukwenza ucansi emsebenzini, wathi wukuthi wayesesikhumbule kakhulu isisulu, namagazi ayesefunana njengoba baqala ngokuqabulana, UKhumalo umelwe uNkz Arusha Gopaul, we-Arusha Gopaul Attorneys. Kulindeleke ukuba icala liqhubeke kusasa ngoLwesihlanu lapho umseshi eyothula khona ubufakazi bakhe

Previous articleBacele izibusiso kuBayedeabahleli bomcimbi weNgoma
Next articleIPIRATES IBUYISE ITHEMBALOKUYA KOWE-CAF