Uvikela ohlinzele iPirates ezibini

477

Umqeqeshi uyabalisa ngamaphuzu abawalahlile

ISITOBHA se-Orlando Pirates uNkosinathi Sibisi. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uvikela umdlali wakhe odlisele le kilabhu icazelana amaphuzu namaZulu FC kuba ngu-1-1 koweDStv Premiership ngoLwesihlanu kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto. USuthu yilona olugadle kuqala uSiphesihle Maduna evalela iphenathi enethini. UKermit Erasmus uvule i-akhawunti yakhe yamagoli kwiBucs evalela elokulinganisa. Nokho uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi, odlala emuva kwiBucs, ube ngundabamlonyeni njengoba eshwebe iphenathi okuyiyona ebinganqobisa iBucs. Ushweba le phephathi nje, ubevele enza amaphutha abucayi emuva.


UJose Riveiro, ololonga iBucs, uthi noma kanjani uSibisi uzobuya ngamandla. “Ekugcineni bekufanele kube khona othatha iphenathi, waqunga wayithatha, ngiyambonga ngalokho. “Kakuyona into elula ukuqungela ukuthatha iphenathi ekilabhini enkulu njengePirates. “Siphoxekile ngalo mphumela, hhayi ngoba nakhu eshwebe iphenathi,” kusho uRiveiro. Uthi ngesiwombe sesibili bekufanele baqede ngoSuthu. “Ngesiwombe sokuqala kasidlalanga neze kahle, kasizange sibe nezimpendulo njengoba bebeza ngabagadli ababili. “Ngesesibili besinamandla kakhulu kunabo, bengakwazi kwenza lutho. “Engikuqaphele wukuthi bakhathalile kodwa thina sangakusebenzisa lokho. “Ngiyakhala ngala maphuzu esiwalahlile ngoba bekufanele siwunqobe lo mdlalo.”

Previous articleIsililo ngokuxathuka kweTheku
Next articleUkholelwa emculweni onomyalezo uDearson