UVilakazi udalula akutshwele ngumqeqeshi weChiefs ngezitayela

350

SENZO SOKHELA

UDALULA akutshelwe ngumqeqeshi umdlali osemncane weKaizer Chiefs oke wagxekwa njengoba esolwa ngokushaya izitayela ezingayisizi ngalutho le kilabhu. UMfundo Vilakazi (18) (osesithombeni) odlala esiswini kwiChiefs, udumile ngokwenza izitayela ezijabulisa abalandeli. 

U-Aziz Ki odlala esiswini kwiYoung Africans yaseTanzania, umugxekile lo mdlali ngalo mjiko wakhe. 

Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs yehlulwa yiYanga ngo-4-0 koweToyota Cup, uVilakazi wavele washaya izitayela.

UVilakazi uveza akutshelwe nguNasreddine Nabi ongumqeqeshi weChiefs ngalezi zitayela azenzayo. “Umqeqeshi uthe nginekhono lokuwisa amadoda, ngakhe amagoli, kwamina futhi ngiwashaye amagoli. Uthe nginendlela eyehlukile yokukhahlela ibhola, wathi akudinga kimina wukuthi ngilikhahlelele ipali, ngizame ngaso sonke isikhathi ukwenza into ezolekelela ikilabhu. Uthe akanankinga nezitayela, yinqobo nje uma ikilabhu inqoba hhayi izitayela ikila-bhu ibe ihlulwa,” esho.

Uthi akanaso isikhathi sokunaka abamgxe-kayo ezinkundleni zokuxhumana. “Kangizifundi nhlobo izinto abazisho ngami ezinkundleni zokuxhumana ngoba yinto engingenandaba nayo. Okwami nje wukuthi ngisebenze kanzima ukusiza ikilabhu,” esho. 

Lo mdlali ukhushulelwe esikimini esikhulu seChiefs ngesizini edlule.

Previous articleBasola induna “efike nababulali” bendodana yabo
Next articleIsethembiso sikandunankulu ngomcimbi kaZanele wezindondo