Uvukwe umunyu enqoba iQuantum uGatsheni

360

MTHOBISI SITHOLE

SICHAZE ngobunzima esibhekane nabo sacishe sayeka umculo isilomo somculi kamasikandi sihlabana ngonyanyavu lweQuantum ngeSonto ekuseni emcimbini weMother of All Masikandi Festival obusePeople’s Park eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UKhuzani “Gatsheni” Ndlovu wasoPongolo uthi esikhathini esiphambilini bekungahambi kahle emculweni wakhe waze wathatha isinqumo sokuyeka. Uthi ukhuthazwe umqashi wenkampani ebekade eyisebenzela, uMnu Thobani Mema wathi akagxile kakhulu emculweni, uzoqhubeka amholele noma engekho emsebenzini.

“Le nkampani ebingiyisebenzela bekade kungesiyona eyomculo, bengiqashwe usomabhizinisi wangakithi ngoba ebona isimo sami esingesihle. Ungesekile kwikhono lami wathi mangigxile kakhulu kulona, wangiholela imali kulo msebenzi ebengiwenza ebengiqashelwe wona enkampanini yakhe ngisho ngingasekho emsebenzini kodwa engibonelela. Lokhu kwaba lukhulu kakhulu empilweni,” kusho uGatsheni.
Uthi ngesikhathi kubhimba izinto emculweni wakhe, uze waphoqeleka ukushintsha igama elithi “Khuzani” abekade ebizwa ngalo efika emculweni waze waziqamba kabusha ngelithi “Gatsheni” ezama ukushintsho. Utshele leli phephandaba ukuthi ukunqoba kwakhe le moto, kuphenduleke imithandazo yeminyaka ngeminyaka yokuthwala kanzima ecula kodwa engalitholi ithuba lokuvelela.
“Le moto isho lukhulu empilweni yami, angazi ngingabonga ngithini kubona bonke abangivotelile,” esho. Uveze ukuthi usebenze kanzima ekhankasela ukudla umhlanganiso kulo mncintiswano wemoto. Uthi le moto izongena embonini yezokuthutha.

“Ngathi ngiyaphupha ukuthi sengiwumnikazi wekhumbi, okuyinto ebengingakaze ngiyicabange ukuthi ingenzeka empilweni yami. Ngifisela nabanye ozakwethu bomculo emncintiswaneni wangonyaka ozayo ukuba banqobe ngoba lelisu elifike nabahleli balo mcimbi, lizokwenza izimpilo zethu zibe ngcono kakhulu ngokuthi kube khona into ephathekayo esiyikhombayo ngezithukuthuku zomculo wethu,” kusho uGatsheni.

Lo mculi unqobe ngamavoti awu-300 000, kanti olale isibili uSolwazi waseMzimkhulu uthole awu-249 000. USolwazi uhlomule ngokuthi iphindwe kabili inkokhelo yokunandisa kwakhe emcimbini woklenyeliswa ngo-R50 000 kanti abahleli bomcimbi bathembise ukuthi bazothayisela ngo-R10 000 ngaphezulu kube u-R60 000. Ezibongela kulo mcimbi, ubonge bonke abamesekile wathi ukunqoba kukaGatsheni bekuvele kumfanele.
“Ngiyamubongela kakhulu uGatsheni, lokhu akutholile bekuvele kumfanele kodwa-ke ngenxa yokuthi bekuncintiswana, bekumele nathi silwele isicoco,” kusho uSolwazi.
Abagqugquzeli bomcimbi uMnu Eric Ngobe noZimiphi “Zimdollar” Biyela babonge ukuphuma kwabantu ngobuningi kulo mcimbi nakuba isimo sezulu besingesihle. Bagqamise ukwesekwa okuhle ngabaxhasi bomcimbi okungumsakazo uKhozi FM, iphephandaba ILANGA, VIB Mobile, abakwa-Audi, uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal nabanye. Bathe ngonyaka ozayo kuza olukhulu ngalo mcimbi ngoba inhloso yabo ukuthuthukisa amaciko ngendlela elinganayo. Baveze ukuthi umculi onqobe kulo nyaka, uzoba inxusa ngonyaka ozayo ngeke esavumeleka ukungenela umncintiswano adedele abanye.

Kushiyelane inkundla uKhuzani, Mfezi, Dumakahle, Inkosi Yamagcokama, EzeBhova, Mdumazi, Vumile Mngoma, Bahubhe, Gadla, Menzi, Amageza, Qalindaba , Tornado, Amawele kaMaMtshawe nabanye. Umcimbi uphathwe uTshatha, uMdonso, Zama Mseleku, Mroza boKhozi FM, uGudla woMhlobo Wenene FM, nabasakazi beziteshi ezincane.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous article6 APRIL 2024
Next articleUgwaze wabulala indodana evikela umkakhe