Ubengayizwa eyokuthi wangena unina
NOMFUNDO NGWANE
wangena unina emuva kokushona kukayise.
USHIYE amalungu omphakathi waKwaNxamalala, eNkandla ukhexile owesilisa (30) osolwa ngokuthenga izinkabi ukuba zibulale uyise omdala ngoba ecasulwa wukuthi wangena unina emuva kokushona kukayise.
UMnu Lisokwakhe Ndawonde (57), kuthiwa udutshulwe wabulawa ngeSonto ekuseni yizinkabi ezithengwe ngumsolwa ehostela laKwaMashu ngoba yena ubefisa ukuba unina ngabe wangenwa yiwele likayise, hhayi uyise omdala okunguyena owamkhulisa kusukela emncane emuva kokushona kukayise. Amaphoyisa asiqinisekisele lesi sigameko.
ILANGA lithole ukuthi umsolwa esingeke simdalule aze avele enkantolo avume noma aphike icala izinkabi ubezithembise ukuthi uzozikhokhela ngemali azoyithola uma esedayise izinkomo zikamufi ezigcwele isibaya.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi umbulala nje, ubesemkhave ngoxhaxha lwemishwalensi ebizomkhokhela imali enkulu. Kuthiwa umsolwa ubehlala eGoli lapho abesebenzela khona, ubebuye ekhaya ngoba kuzoyiwa emhlahlweni.
Kuthiwa umsolwa ubevele engazwani nomufi kusukela ekhula, bebehlala behilizisana aze alikhiphe ngembaba elokuthi uzombulala. Indaba iqale ngeledlule ngesikhathi umufi ehlaselwa ngabantu abangaziwa bezama ukumdubula, kodwa wasinda.
Umndeni ubusola yena umsolwa ukuthi usethenge izinkabi, ube usuhlela ukuthi kuyiwe kumuntu ozoshaya umhlahlo ukuthi ngubani obethumele abantu abebezama ukubulala umufi. Kube sekuhlelwa ukuthi kuzohanjwa ngeSonto ekuseni.
Kubikwa ukuthi uMnu Ndawonde ubulawa nje, bebesendleleni bebheke emhlahlweni. Emotweni bekukhona umufi, umsolwa noNkk Nokuthula Chamane onguyisekazi kamsolwa obeceliwe ukuthi abekhona njengelungu lomndeni uma sekuyiwa emhlahlweni.
Ekhuluma neLANGA uNkk Chamane uthe: “Besisendleleni sibheke enyangeni, kwaqhamuka imoto eyiveni yasilandela. Kuthe sesihamba endleleni esemahlathini, yasimisa isikhombisa ukuthi kunenkinga ekhona emasondweni emoto esihamba ngayo.
“Abantu abebehamba ngayo behlile banqonda kumfowethu, bamdubula amahlandla awu-5, baqeda lapho bangena emotweni yabo bashaya bachitha bengathatha lutho. Yize besazi ukuthi umfowethu nendodana yakhe kabazwani, kodwa besingazitsheli ukuthi sekungaze kugcine kuphume isidumbu ngale ndlela,” kusho uNkk Chamane.
Uthi ngesikhathi belandelwa yile moto, bekubonakala ukuthi umsolwa kunento angakhululekile ngayo, ubelokhu eqalaza emuva, elokhu echofa umakhalekhukhwini wakhe, kubonakala ukuthi kukhona abantu axoxa nabo.
“Kuthe noma esedutshuliwe umfowethu, wangazihlupha ngokufonela abantu abazosisiza,” kusho yena.
Kuthiwa sekufike amaphoyisa, umsolwa uzame ukubulala ucingo lwakhe ezama ukulahla ufakazi, kodwa akwazi ukumbamba engakalubulali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala, kuboshwe umsolwa oyedwa. Uthe amaphoyisa asathungatha umkhondo wabanye abasolwa.