uvule icala usomabhizinisi oqolwe “ngamaphoyisa”

703

KNOWLEDGE SIMELANE

USINDE ngokulambisa usomabhizinisi omncane wa-KwaSanti, ngasePinetown, eThekwini, ehlaselwa ngezibhamu ngabazibize ngamaphoyisa bedlubhe umfaniswano owumkokotelo ngeSonto, besebenzisa imithetho elwa ne-coronavirus.

UMnu Zibonele Mthembu utshele ILANGA ukuthi uyoyixoxela amagwababa echobana eyokugaselwa emini bebade ese-tuck shop esemgwaqweni omkhulu KwaSanti ngabalisa abebedlubhe umfaniswano wamaphoyisa. 

Uthi bangene bamkhomba ngezibhamu, bamtshela ukuthi wephule umthetho oshaywe nguMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, wokuba kuvalwe izitolo njengoba kuzanywa ukunqa-nda ukubhebhetheka kweCorona.

“Kangikwazanga nokuchaza ukuthi kuthiwe masivule izitolo, bangithukile bangihlaba ngempama bathi mangi-bheke odongeni. 

“Bazitapele ukudla nogwayi omningi nokheshi. Cishe sekukonke abakuthathile kungaba ngu-R6600,” kubalisa uMnu Mthembu.

Uqhube wathi bathe sebephuma beyongena emotweni esakhumbi, kwasa ngokunye kuyena esebona ukuthi ngamaphoyisa mbumbulu ngoba bebengazifakile izigqoko namabheji avamise ukubonakala emaphoyiseni akhombisa amaqhuzu.

“Ngibe sengiyobuza esiteshini samaphoyisa eMarrianhill, balandula okwenze ngavula icala lokuqolwa nokukhonjwa ngenganono,” kuphetha uMthembu.

Okhulumela amapho-yisa aKwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi
sigameko. 

Uthe kuvulwe icala lokukhonjwa komuntu ngesibhamu nokuntshontshwa. 

Ukhiphe isexwayiso kubantu, wathi mabaqaphele abazenza amaphoyisa, basheshe babike esiteshini sawo esiseduzane, kanti uma ithuba livela babathathe izithombe, kodwa baqaphele bangababoni abenzi bobubi.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Previous articleAkaliphosile ithawula ngomsakazo
Next articleuvalo lwe-corona kwabantula amanzi ahlanzekile