Uvulelwe icala uthisha “oshise” umfundi ngamanzi e-radiator

536

SKHOSIPHI MTHEMBU

UVULELWE icala lokulimaza umfundi uthisha waseBangibizo Primary School, eMthwalume, emuva kokuba ethume izingane ukuba zimvulele i-radiator yemoto, omunye washiswa ngamanzi ayo.

Uyaveva yintukuthelo umndeni wakwaLuthuli, eMakhoso, khona eMthwalume, emuva kwalesi sigameko esishiye indodana (9) yawo ishile ebusweni. Uthi okuwucasule kakhulu, wukuthi esikoleni bazame ukuyifihla le ndaba njengoba (othisha) bewubikele ukuthi ingane iwise iketela lamanzi abilayo egunjini lothisha (staffroom), yasha. Uveze ukuthi iqiniso uze walithola sewufika esibhedlela.

UNkz Nompumelelo Blose ongunina omdala walo mfanyana, uthi ingane isiyasaba ngisho ukuya esikoleni. Uthi bafuna kwenziwe ubulungiswa ngoba ingane ishe yenza into engayiyelanga eskoleni.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe umnyango uyazwelena kakhulu nomndeni wengane ngalesi sigameko. Uthe unethemba lokuthi umndeni wengane nothisha, baluzolulungisa ngendlela lolu daba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe likhona icala elivuliwe lokulimaza kanti amaphoyisa ayaphenya.

Previous articleSekufakwe iSikebhe esikoleni sempi yezigodi
Next articleUKhozi nohlelo oluvulelekile ukuvala esikaBeekay