Uvuma ingcindezi umqeqeshi weBucs

576

Bazodlala owamanqamu weMTN8 engekho uLorch

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Zinnbauer ongumqeqeshi we-Orlando Pirates yingcindezi njengoba ezakhe zizodudulana neBloemfontein Celtic kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IBucs iya kulo mdlalo nje, ingaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba sekuphele iminyaka ewu-6 ingakaze inqobe inkomishi. 

Ngaphandle kwalokho, isigijime kweyamanqanu emine selokhu yagcina ukunqoba inkomishi ngo-2014. Bekulokhu kuyibhedele. 

UZinnbauer uthi ulala engalele uma ecabanga ngalo mdlalo.

“Wonke umuntu uyazi ukuthi iPirates sekunesikhathi eside yagcina ukunqoba inkomishi, lokho nje kukodwa kungifakela ingcindezi. Empeleni uma ulolonga ikilabhu enkulu njengePirates ingcindezi ihlale ikhona ngoba abalandeli, abaxhasi nabaphathi bekilabhu badinga izinkomishi.

“Kodwa-ke kulo mdlalo kakukho ukujikela emuva, kufanele sifake wonke amandla esinawo ukuze siwunqobe. Into ebinokungikhathaza nje kancane wukuthi siyawashweba amathuba esiwatholayo kodwa-ke futhi kuhle ngoba cishe sakha amathuba angaphezulu kuka-25 emidlalweni esiyidlalile.

“Ukuba besakha amathuba amabili mhlawumbe ngabe ngikhathazekile. Kwazi bani mhlawumbe kulo mdlalo weCeltic sizokwakha ayisihlanu sivele siwavalele wonke enethini. Siyazi ukuthi ngeke kube lula ngoba neCeltic idlala kahle. Sinethemba lokuthi inhlanhla izoba ngakithi kulokhu,” kusho uZinnbauer.

Uthi bazoya kulo mdlalo ngaphandle kukaThembinkosi Lorch olimele.

UThulani “Tyson” Hlatshwayo ongukaputeni weBucs, uthi bazozama ngawo wonke amandla ukuyinqoba le nkomishi.

“Ngicabanga ukuthi isikimu esinaso sihle kakhulu ukuthi singeze sayinqoba le nkomishi. Okuhle wukuthi kunabadlali engisuka nabo kwiBidvest Wits abanesipiliyoni sokunqoba izicoco. Kuyangijabulisa ukuhola ikilabhu enkulu ngalolu hlobo, yingakho kufanele sikuqinisekise ukuthi siyabajabulisa abalandeli bethu.

“Okunye-ke nje engifuna ukukucacisa wukuthi uHappy Jele ungukaputeni wekilabhu, uma sigcina ngokuyinqoba le nkomishi noma kanjani ngizomnika ithuba ayiqukule,” kusho uHla-tshwayo.

Previous articleI-Sadtu neCosas baya enkantolo ngoluka-matric
Next articleUcele uxolo osolwa ngokufa kwezinyane leSilo