Uvumbuke kweyama-amesha owodumo kwiPirates

366

SENZO SOKHELA

UVUMBUKE ekilabhini yama-amesha uRooi Mahamutsa (41) (osesithombeni) ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates okuvela ukuthi akakazimiseli ngokuyeka ibhola yize iminyaka yakhe yobudala isihambile.

ILANGA lithole ukuthi uMahamutsa – odlale iminyaka kwiBucs – uvumbuke kwiPhezulu FC edlala kwiSafa Mpumalanga ABC Motse-pe League. Ngesizini edlule ubegijima kwiVTM edlala kwiBotswana Premier League. 

Ubedlala noSifiso “Nsunda” Myeni (36) naye ogijime iminyaka kwiBucs.

Isikhulu seVTM, uVincent Mafuta, sikuqinisekisile ukuthi ngeke sizelule izinkontileka zalaba badlali. Sithe uMyeni singamugcina ethimbeni labaqeqeshi ngoba ubenesandla ekutheni le kilabhu inyukele esigabeni esiphakeme. 

ILANGA lithole ukuthi uMahamutsa akazimisele ngokuyeka ibhola njengoba eqale ukujima nePhezulu ngenhloso yokuthola inkontileka.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “Baningi abadlali abagijime esigabeni esiphakeme abakule kilabhu. Kukhona uSiyabonga Zulu obedlala kwiMamelodi Sundowns, uThabo Mosadi odlale kwi-Ajax Cape Town nakwiMoroka Swallows, uBafana Dlamini, uPaseka Sekese noGift Radebe abadlale kwiRichards Bay ukukha nje phezulu. UKagisho Dikgacoi naye ukule kilabhu kodwa ngathi yena uzoba sethimbeni labaqeqeshi.”

UMahamutsa uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba kodwa wakuqinisekisa ukuthi ibhola ngeke aliyeke okwamanje.

Previous articleEzibuhlungu kuLepasa eshweba ithuba ngenxa yokulimala
Next articleIMalini nomzungezo ohambisana nokugubha iminyaka indawonye