MTHOBISI SITHOLE
ULANDWE kwinhlangano enkulu yezokusakaza ngomoya i-South African Broadcasting Corporation (SABC), umethuli wezindaba kumabonakude, uVusizwe Langa oshiye phansi le nhlangano wajoyina iNewzroom Afrika. UVusizwe, utshele ILANGA LangeSonto ukuthi ubesekwenzile okuningi kwaSABC, wabona kuyithuba elihle leli njengoba iNewzroom Afrika, iChannel 163 iqhamuke nezindaba ngezilimi zesiNguni. Uzokwethula izindaba ezibizwa ngeZindaba Zethu. “Bathe uma bengicela ngabona kuyithuba elihle kakhulu ngoba kubalulekile ukuvuleleka ezindaweni ezahlukene ukuze ne-CV yami iqine,” esho.
Uthi uza nomehluko omkhulu kulesi siteshi njengoba ekwazile ukwenza nakwa-SABC. Kulesi siteshi esisha uqashelwe ukuba ngumdidiyeli omkhulu wezindaba, aphinde azethule kumabonakude. Uveze ukuthi uzoqala ukubonakala kulesi siteshi mhla ka-27 kwephezulu kusukela ngoMsombuluko kuya kwiSonto, njalo ngezikhathi zakusihlwa. Uthi incwadi yokwesula kwaSABC, uyifake ngoZibandlela (December) nyakenye. “Engizogxila kakhulu kukhona wukuthi izindaba zethu uma abantu bezibuka bazithokozele ngale ndlela yokuthi kungasukeki kumabonakude. “Sizobe silethela abantu lokhu abakudingayo okuzofakela nezi-nye iziteshi ingcindezi. Ngikwenzile lokho kwaSABC ukuthi izindaba zilangazelelwe, zingaphelelwa wumsoco,” esho.
Uthi ngenxa yokwamukela leli thuba elisha, akabange esalithola nethuba lokuvalelisa kahle kubalingani bakhe kwaSABC. Ngokwesitatimende esikhishwe yi-Chief Executive Officer (CEO) yeNewzroom Afrika, uThabile Ngwato, ukulethwa kwalolu hlobo lwezindaba ngezilimi zesiNguni kubantu emakhaya, kuwuhlelo okufanele luhambi-sane nezinhloso zesiteshi. “Siyaziqhenya kakhulu ngokuletha izindaba ngolimi lwesiZulu nesiXhosa, okusho uhambo olusha lwethu. Yizindaba ezinhle kakhulu ngoba siphethe nabantu abamnkantsh’ ubomvu ekwethulweni kwezindaba ngezilimi zomdabu,” esho. UVusizwe uqale ukusebenza kwaSABC ngonyaka ka-2006 esuka kwa-e.tv, wabe esengena ngaphansi koKhozi FM, ethula zona izindaba ngaphambi kokuba agxile kumabonakude. KwaSABC TV, ubengumbhali wezindaba nomhleli wazo.