PHUMLANI GAMA
UWAPHIKE wonke amacala awu-22 abekwe wona umshayeli weloli eladala isiphihli sengozi okwabhubha kuyona abafundi nothisha wabo emgwaqweni onguthelawayeka eGodlwayo oPhongolo ngomhlaka 16 kuMandulo (September) 2022. Liqalile ukuqulwa eNkantolo yeMantshi oPhongolo icala elibhekene noMnu Sibusiso Siyaya (30) ongowokuzalwa KwaJobe, eJozini. Umsolwa wayeqashwe yiBaoBao Projects kaMnu Perry Masinga waseMpumalanga, eshayela iloli elashayisa iveni elalithwele izingane eziwu-18 ezifunda ezikoleni ezahlukene nabadala ababili.
Liqaliwe ukuqulwa ngoMsombuluko kanti isinqumo sizokhishwa maphakathi nenyanga kaNhlaba (May) kophezulu. Ngaphambi kokuqalwa kwalo ufundelwe uhlu lwamacala abhekene nawo. Elokushayela budedengu elihambisana nokwephulwa kwemithetho yokusebenza kwemigwaqo. Elokwehluleka ukudlala indima yomshayeli. Ngaphansi kwalo kubalulwe udaba lokuthi kwakungafanele abaleke endaweni yesigameko futhi wehluleka ukunikezela ngosizo.
Elesithathu elokubulala ngenhloso abantu abawu-20. Kuleli kubalulwe uhlu lwezingane ezabhubha kanye nothisha wazo wowayeyitoho kwesinye sezikole zasendaweni. Ebuzwa uyavuma noma uyawaphiki yini amacala athweswe wona okuhlanganisa nawokubulala ngenhloso uthe: “Angiwavumi onke lamacala okuthiwa ngawenza. Nabantu abafa kababulawanga yimina, kodwa bashona ngenxa yengozi,” esho.
Ngemuva kokuba etshele inkantolo ukuthi uyaphika amacala kube sekudlalwa izithombe-mnyakazo eziwubufakazi bombuso obukhombisa ukuthi umsolwa wayeshayela budedengu kangakanani.
Ibamba leJaji uMnu G Davis unxuse umshushisi kuleli cala uMnu Krishen Shah ukuba abize ofakazi kulolu daba. Ufakazi wokuqala nowesibili bakhulume okufanayo. UMnu Siyabonga Ntuli uchazele inkantolo ngakubona ngosuku lwesigameko.
“Ngangiphakathi endlini, ngiqondene nefasitela ngenkathi ngibona iloli ligijima ngesivinini esiphezulu okwathi ngisamangaliswe yilokho, ngabona selimile emgwaqweni. Ngaphuma ngiphuthuma khona, ngabona imizimba yezingane. Ngaphansi kweloli kwakukhona imoto emhlophe. Kusenjalo ngabona owesilisa ephuma kuyona nowesifazane bebizana bebaleka. Owesilisa wayegqoke ibhulukwe elimnyama engagqokile ngaphezulu. Owesifazane wayelokhu ebiza owesilisa.
Kwaqhamuka elinye iloli elafike lazama ukuma okwathi uma owesilisa enxusa umshayeli walo ukuba avule isicabha bagibele kodwa wanqaba. Angibange ngisabona ukuthi baphelelaphi ngoba mina ngazama ukubuyela emuva elolini okwathi uma ngisondela kulona, ngathola ukuthi liyashunqa. Iloli eyayisengozini yayifakwe izinsiza zokucisha umlilo, kodwa zombili zazingenalutho phakathi. Ngagcina sengiboleka kwenye iloli eyafika okuyiyona eyasiza.
Ngawucisha umlilo owabe usuqubukile kuleli loli,” kusho uNtuli.
Imindeni yezisulu beyikhona enkantolo. Uyise kamsolwa uMnu Velaphi Siyaya (77), utshele leli phephandaba ukuthi indodana yakhe isemanzini amnyama, kulandela ukudlula emhlabeni kukanina. “Unkosikazi uze wedlula emhlabeni elokhu ebalisa ngendodana yethu, ekhala ngokuthi akucaci ukuthi icala liyayigweba noma liyikhipha phambili. Thina kasinawo amandla okuphikisana nomthetho. Sizimisele ukwemukela noma ngabe yisiphi isinqumo esizokhishwa yinkantolo. Kungimangazile ukuthi useyawaphika amacala kanti nathi wayesitshele ukuthi uzimisele ngokulivuma, waze wanqaba ngisho nokufaka isicelo sokudedelwa ngebheyili. Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu uma ngibona imindeni yezingane eyalahlekelwa ngalolu hlobo.
Unkosikazi uze wadlula emhlabeni ekhalela ithuba lokuhlangana nemindeni eyalahlekelwa ngoba kubalulekile ukuthi bezwe ukuthi sibakhalela sithini nathi. Kuzwisa ubuhlungu ukuthi kubhekwa indodana ukuthi yaba nobudedengu kunganakwa ukuthi nomshayeli weveni eyayithwele izingane uMnu Siphephelo Nkonyane (19) wayengenazo izincwadi zokushayela okungenzeka ukuthi naye wayengakwazi ukuyigwema ingozi eyenzeka,” kusho uSiyaya.
Kuleli cala kusazokwethulwa ubufakazi obehlukene okubalwa nobufakazi obaqoqwa ngamaphoyisa kanye nezinye izinhlaka zezomthetho. Icala liyaqhubeka.