SENZO SOKHELA
UTHEMBISA ukwenza izinguquko eqenjini lakhe elisha umqeqeshi ozakhele udumo kuleli kwi-rugby enqobisa amaBhokobhoko isicoco seNdebe yoMhlaba.
IVodacom Bulls imemezele ngeledlule uJake White nje-ngoMqondisi wayo omusha.
Ungene endaweni ka-Alan Zondagh odalakaxe lo msebenzi.
UWhite uqokwa nje, iBulls ikhombisa ukwehlelwa yisithunzi njengoba isishayeka kalula.
Ngaphandle kwalokho isiyahlu-leka ukuheha abadlali abanegama njengoba beyenza phambilini.
UWhite kubhekwe ukuba abu-yise isithunzi saleli qembu.
Lolu qweqwe lo mqeqeshi luthembisa ukwenza izinguquko kuleli qembu elidonsa kanzima kwiSuper Rugby.
Lisanqobe umdlalo owodwa kwengu-6.
“I-Vodacom Bulls ibalwa namakilabhu amakhulu emhlabeni ngakhoke kubalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi ihlale iphezulu.
“Ngizimisele ngokwenza izinguquko kuleli qembu ukuze libuyelwe yisithunzi elaziwa ngaso.
“Leli qembu liphethwe yizikhondlakhondla okungabalwa kuzo iRemgro, yiMotsepe Foundation neBBRU ngakhoke kubalulekile ukuthi lidlale kahle.
“Engikuzele lana wukuyibuyisela kunombolo 1,” kusho uWhite.
Uthi uzimisele ukusebenzisa leli thuba ukulekelela isinyenyela amaBhokobhoko.
“Akuyona imfihlo ukuthi ukwenza kahle kwamakilabhu anjengeBulls kwenza amaBhokobhoko aqine.
“Ngizele ukuzokhiqiza abadlali abaseqophelweni eliphezulu ukuze kusizakale amaBhokobhoko,” kusho uWhite.