Uwukhomba kuyena umunwe ngokukhuhla ibhentshi

198

SENZO SOKHELA

UWUBHEKISA kuye umunwe ngokukhuhla ibhentshi uSamkelo Zwane (22) ongumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs. Le kilabhu iqhathwe neRoyal AM koweDStv Premiership ngeSonto ngo-15h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

USamkelo (osesithombeni) wanyuselwa esikimini esikhulu ngu-Arthur Zwane – owayengumqeqeshi – kumasizini amabili edlule, esuka enkulisa yeChiefs kwiDStv Diski Challenge (DDC). UZwane ubemqeqesha enkulisa yeChiefs, uSamkelo.

Umdlalisile kodwa kuthe uma sekufika uMolefi Ntseki noCavin Johnson ngo-kwahlukana, izinto zajika njengoba isikimu esesizwa ngendaba. Lo mdlali kakaqali mdlalo ngale sizini. Usadlale ewu-6 esuka ebhentshini.

Samkelo Zwane of Kaizer Chiefs during the 2023 Nedbank Cup Semi Final match between Kaizer Chiefs and Orlando Pirates at the FNB Stadium, Johannesburg on the 06 May 2023 ©Muzi Ntombela/BackpagePix

“Ngikholwa wukuthi bekufanele ngenze kangcono kakhulu kule midlalo enginikiwe ithuba kuyona. Kodwa-ke abaqeqeshi nozakwethu bayangeseka, bayangikhuthaza ukuze ngibe ngcono futhi ngikhule,” esho.

Lo mdlali uthi uzizwa eqatha ngokwanele yize kuke kwaba nekhefu elide ngenxa yemidlalo ye-Afcon.

senzos@ila-nganews.co.za

Previous articleKunyamalale ongufakazi ecaleni lokubulawa kwendodana
Next articleUZuma ukhonjwe indlela kwiSanco esolwa ngokulova