UMntwana waseNdlunkulu ubedinwa wukuthi uNgizwe ubebanga umsindo ngaphakathi esigodlweni
PHUMLANI GAMA
USHIYE phakathi umcimbi wahamba uNgizwe Mchunu, ngemuva kokuxhakathiswa nguMntwana waseNdlunkulu edinwa ukuthi ubanga umsindo, ukhuluma nezintatheli ngaphakathi esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, ngesikhathi amabutho ehuba amahubo. UNgizwe ukhulume naleli phephandaba waphumela obala ngokuphoxeka kwakhe ngento eyenzeke kuyena ngokuxhakathiswa kwakhe ekhuluma nengxenye yezihambeli zoMkhosi woMhlanga. UMchunu ubekhuluma nezintatheli ngaphakathi esigodlweni. Uzidalele amazinyo abushelelezi kubantwana basendlunkulu ngemuva kokuba eqale ukukhuluma nabangani bakhe abayizintatheli, ephakamisa iphimbo bude buduze namabutho abehuba amahubo ngaphakathi esigodlweni.
ILANGA belikhona ngesikhathi ekhuzwa nguMntwana uVanana Zulu obengomunye wabadidiyela amabutho kulo mcimbi. UMchunu utshele leli phephandaba ukuthi akayithandanga indlela axhakathiswe ngayo nguMntwana uVanana ngoba okwenzekile kuyaye kwenziwe kumuntu ontshontshile. Uqhube wathi akulona iqiniso ukuthi ukudinwa kwakhe kuholele ekutheni adube umcimbi, kodwa ubevele enohambo abelu-hlelile, eyohlangabeza inkosikazi yakhe ebibuya phesheya kwezilwandle, ezoyihlangabeza maqede ayoyishisela impepho ekhaya. “Angiyithandanga indlela engixhakathiswe ngayo ngumntwana. Indlela angithathe ngayo kube sengathi ukhuluma nesela. Ngiphoxeke kakhulu. Mina bengikhuluma nabangani bami abayizintatheli njengoba ngisemkhakheni ofanayo nowabo. Iningi lezintatheli lifikele ezandleni zami. “Umntwana ufike wakhuluma nami ngendlela engekho mnandi. Akulona iqiniso ukuthi ngiwudubile umcimbi. “Ngihlalile ngalinda ukuthi kuphume iSilo ngase ngiyahamba njengoba bekufanele ngiyohlangabeza inkosikazi yami maqede ngayoyishisela impepho njengoba isazoqhubeka nohambo lwayo lwasemazweni aphesheya kwezilwandle. “Akekho ongavimba mina ngoba vele abantu bayangithanda futhi nginezigaba eziningi. Izintatheli ngabangani bami, ngiwusomlando, ngiyibutho futhi ngiwumengameli wamabhinca. “Kusasa ngizokhuluma nesizwe ngalo lolu daba lokuhlukunyezwa kwami esigodlweni ngoba indlela okwenzeke ngayo, kuyimizamo yokudicilela phansi isithunzi sami,” kusho uMchunu.
Okhulumela indlunkulu kaZulu uMntwana uThulani Zulu, uthe akukho azokuphawula ngalolu daba ngoba uMntwana uVanana uphethe amabutho kanti futhi ngakolunye uhlangothi naye uNgizwe ufike evunulile eyingxenye yebutho lona leli eliphethwe nguMntwana.“Sikholwa wukuthi uMntwana ubenza umsebenzi wakhe wokuqondisa lapho kungalungi khona. UNgizwe ufike kulo mcimbi eyibutho. “Njengoba eyibutho kuzokwenzeka babuye bahlangane nomntwana bayikhulume le ndaba idlule thina sisale phakathi sibambe into engasidingi kakhulu. Kungcono ngoba naye uNgizwe uyasho ukuthi uhambe ngoba sekushaye isikhathi sokuba ahambe, hhayi ngoba edube umcimbi,” kuphetha uMntwana. phumlani@ilanganews.co.za