Uthi ubengacabangi ukuthi uhulumeni uzomxhasa
ukuthi uthole uxhaso olukhulu kangaka.
MTHOBISI SITHOLE
UFUKULWE ngoxhaso lwemishini yemali eshisiwe owebhizinisi lokubhaka izinkwa namakhekhe, onconywe ngokubeka eqhulwini umphakathi wangakubo ngokwemisebenzi. UMnu Phiwe Nkomo waseMsinga, eTugery Ferry, uhlonyuliswe wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, ngemishini ewu-7 yenani lika-R2 million. Lokhu kwenzeke ngaphansi lohlelo lukahulumeni lokufukula osomabhizinisi abancane olubizwa nge Operation Vula Fund, okufakwa kulona izicelo zokulekelelwa kosomabhizinisi abakhulayo.
UMnu Nkomo weLobethal Bakery, utshele leli phephandaba ukuthi ngesikhathi ethumele isicelo, ubengacabangi ukuthi uzoluthola usizo. Uthi ubekade engenawo amandla okuthenga le mishini ngenxa yokubiza kwayo. “Isicelo ngasithumela ngo-2019 emuva kokuba abaphathi balolu hlelo besondelile kithina ngenxa yokuzwa ukuthi leli bhizinisi engilenzayo lisingethwe ngumuntu omnyama. “Bangikhuthazile ukuthi ngingalilahli ithemba, mangithumele isicelo, ngabe sengenza njengoba beshilo. Lokhu okwenzekile kungathi ngiyaphupha ukuthola usizo olukhulu kangaka,” kusho uMnu Nkomo.
“Kuyasithokozisa nokubona usizo lukahulumeni ngoba sivamise ukuzibukela kude izinto ezifana nalezi,” kusho uNkz Mntungwa.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha esifundazweni, uMnu Bongi Gwala, uthi lolu hlelo kuhloswe ngalo ukusimamisa osomabhizinisi abasezindaweni ezidonsa kanzima. Le mishini ahlomule ngayo uMnu Nkomo ngeyokwenza izinkwa, amabhanisi, ama rolls nokuningi okubhakwayo.
mthobisis@ilanganews.co.za