Imeya yaseMzinyathi ithi bona balandela umyalelo weMbube ukuze umlando ungashabalali
THANDEKA NGOBESE
KUPHOQELEKE ukuba kungenelele omasipala ukuze iNdlunkulu kaZulu iqhubeke nomgubho oba minyaka yonke weMpi yaseSandlwana ngenxa yokuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal, okuyiwona ovame ukuxhasa lo mcimbi, awukwenzanga lokhu nonyaka. Kulo mgubho ozokuba ngoMgqibelo eSandlwana, eNquthu, kulindeleke ukuba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, kaBhekuzulu, sethule inkulumo yosuku. Omasipala abafake isandla ukuze lo mgubho ube yimpumelelo, ngowaseNquthu nowaseMzinyathi.
IMeya yaseMzinyathi, uMfu Petros Ngubane, ithi banqume ukuphonsa itshe esivivaneni emuva kokuba uhulumeni uhlehlile ukufaka isandla ngenxa yombango okhona endlunkulu. Imeya isho kanje izolo ngoLwesithathu kade lo masipala unomcimbi wokwethulwa kwezimoto eziwu-20 ezintsha ceke, emuva kwesikhathi eside usebenzisa eziqashiwe. UMfu Ngubane uthi lezi zimoto zilandela eziwu-15. “Thina njengomasipala kasingeni embangweni wasendlunkulu, kodwa silalela umyalelo kaMdlokombana (iSilo uZwelithini) njengoba wangidonsa ngendlebe, wathi njengoba lo mlando usendaweni yethu, kumele singavumi ukuthi ushabalale. Siwumasipala, senze konke ebesingakwenza ukuze lo mcimbi ube yimpumelelo,” kusho imeya.
UMntwana uThulani okhulumela iSilo uMisuzulu, uthi lo mcimbi uxhaswe ngomasipala, hhayi uhulumeni wesifundazwe. “Uhulumeni kade wayeka ukufaka isandla. ISilo uMisuzulu sizoba yingxenye yomcimbi njengoba sazi sonke ukuthi lo mkhosi unevuso ezizukulwaneni njengesehlakalo esaba nobuqhawe futhi esigqugquzela ithemba lokunqoba izinselelo zempi esibhekene nayo namuhla, ububha ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezidakamizwa. “Isikhumbuzo salo nyaka sifika ngesikhathi izwe libhekene nokhuvethe, iSilo sizosebenzisa le nkundla ukuxwayisa isizwe ngale mpi okusamele kubhekwane nayo,” kusho uMntwana uThulani.
Iphawula ngezimoto ezithengwe wumasipala imenenja yaseMzinyathi, uMnu Lethuxolo Mthembu, ithembise ukuqhamuka nohlelo lokuqikelela ukuthi ziphathwe kahle, zingaxhashazwa. UNkz Phathisa Mfuyo okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal oyisandla sokuphonsa sikahulumeni waKwaZulu-Natal emicimbini emayelana nobuciko namasiko uthe isinqumo mayelana nokuxhasa izinto zaseNdlunkulu kaZulu sathathwa yiHhovisi likaNdunankulu Sihle Zikalala, wacela ukuba kuthintwe lona. ILANGA lizamile ukuthola uMnu Lennox Mabaso okhulumela undunankulu, kodwa ucingo lwakhe lwangangena kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.