Uxhaswe wuhulumeni ngezithuthuthu (10) owendawo yezokuvakasha

1138

LUCKY CAIN

UBONGE uxhaso lwezithuthuthu eziwu-10 umnikazi wendawo yezokuvakasha yasemakhaya, iSomopho Hills, eseMpangeni. Lezi zithuthuthu zinikelelwe le ndawo wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal. 

Lokhu ukwenze njengengxenye yokugubha inyanga yezokuvakasha kulesi sifundazwe emcimbini obuseSomopho Hills namhlanje ngoLwesihlanu. Lo mcimbi ubuhanjelwe nayinkosi yendawo, uMinenhle Mthembu, izikhulu zomnyango nezeTourism KwaZulu Natal – okuwuhlaka olwengamele ukukhangisa ezokuvakasha kulesi sifundazwe. 

Ezibongela umnikazi wale ndawo, uMnu Lungani Mthembu, uthe lolu xhaso luzokwenza omkhulu umehluko ukuqinisekisa ukuthi iSomopho Hills iyakhula futhi iyathuthuka. 

Previous articleUDudu Myeni udedelwe ngebheyili kwelenkohlakalo
Next articleTHOLA ILANGA LEMPELASONTO KUSASA