UBaxter uthi okwenziwe yiChiefs akwemukelekile
SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weKaizer Chiefs uxolisa kubalandeli ‘ngamanyala’ enziwe ngezakhe.
IChiefs inenebulwe ngo-4-1 ngomakoti beligi iRoyal AM koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto.
Amagoli e-AM avalelwe enethini ngoVictor Letsoalo amabili, ngumkhonto ugwaza ekhaya kaSibusiso Mabiliso noMfundo Thikazi.
EleChiefs lokubika ukuthi ibikhona emdlalweni lishaywe nguSifiso Hlanti.
IChiefs iye kulo mdlalo kubhekwe ukuba iyisobozele i-AM nje-ngoba kusaxabene ubendle kule kilabhu kwazise isahaqwe yizinkinga njengoba kuvela ukuthi kunabadlali abasalwela indaba yemiholo.
Nokho i-AM iyijikele esiswini njengotshwala iChiefs njengoba ivele yayifundisa ibhola enkundleni yayo.
UStuart Baxter ololonga iChiefs uxolisile kubalandeli beziMpofana ngombozo webhola elidlalwe yile kilabhu ebalwa nathandwa kakhulu e-Afrika jikelele.
“Akusikho ukuthi sishaywe kanzima nje kuphela, ngamanyala le nto eyenzekile, yihlazo uqobo.
“Umdlalo unemizuzu engu-20 uqalile sizamile ukunyusa igiya njengoba senze emdlalweni weMamelodi Sundowns.
“Uhlelo lwethu beluluhle, siphaselana kahle, sathola namathuba ambalwa, savele saphisana ngegoli elilula okuphoqe ukuba sijahe umdlalo.
“Ubudedengu babadlali ngesikhathi umdlalo uqhubeka kwenze sangabe sisabukeka kahle, kwaca-ca ukuthi ngeke sisabuya emdla-lweni.
“Silishayile igoli kwaba ngu-2-1 sashintsha ezindaweni cishe ezine sase siyahlakazeka ngoba besizama ukufaka abantu abasha.
“Okwenzekile akwamukelekile kuyihlazo ngiyaxolisa kubalandeli,’’ kusho uBaxter.
Uthi bazokwenza ngakho konke okusemandleni ukulungisa amaphutha abawenze kulo mdlalo.
Uthi imimoya phansi zisazohla-ngana izinto.