uxoshe ummeli weminyaka emibili uzuma

787

INTATHELI YELANGA

OBENGUMENGAMELI wakuleli, uMnu Jacob Zuma (osesithombeni), kubikwa ukuthi uselaxaze phansi uMnu Daniel Mantsha obeseqede iminyaka emibili engummeli wakhe.

I-JG Zuma Foundation iveze ukuthi usezophindela enkantolo esemelwe yinkampani, iMabuza Attorneys. 

Le nhlangano imemezele ukuthi uMnu Zuma usenqume ukulinqamula igunya lommeli wakhe osemthethweni, uMantsha weLungisani Mantsha Attorneys. 

UMnu Mantsha usebe wummeli kaMnu Zuma kusukela ngo-2018.

“Ngalesi sikhathi, usebenze ngokuzikhandla nangokuzinikela ukuqinisekisa ukuthi ithimba labammeli liyaphumelela emsebenzini walo. 

“Sithanda ukubonga kuye ngemizamo yakhe kuze kube yimanje futhi simfisela okuhle emsebenzini wakhe ngomuso,” kusho le Foundation.

Phambilini uphiko lokushushiswa komphakathi lwasifanisa nenyanda eyemuka nezibopho isicelo esafakwa enkantolo yomthethosisekelo nguMnu Zuma sokuba limiswe icala lenkohlakalo athweswa lona. 

UMnu Zuma uzoqhubeka nokusebenzisa ummeli osezingeni eliphezulu, uMnu Muzi Sikhakhane, ukuba ahole ithimba labameli bakhe kuleli cala, “futhi uzwakalisa ukumethemba ngokuphelele yena nethimba labameli bakhe”.

Ngokusho kwesitatimende seFoundation, uMnu Sikhakhane ujutshwe ukuba ahlanganise ithimba lochwepheshe babameli elizokweluleka futhi lisize uMnu Zuma “ekulungiseleleni icala elikhulu kunawo wonke empilweni yakhe”. 

ngabe: News24.com 

Previous articleKuthiwa amasosha mawaqinise isandla
Next articleKubhuntshe imizamo yokuqopha uZalo