‘Uxoshelwe ukuziphatha budlabha’ owePirates

442

Kuvela okucasule izikhulu zeMaritzburg United

SENZO SOKHELA
IMARITZBURG United ixoshe umdlali ebimboleke kwi-Orlando Pirates, ikhala ngokuthi wehlulwa wukuziphatha. ITeam of Choice ibolekeuBongani Sam (25) odlala ophondweni lwesokunxele emuva kwiPirates ekuqaleni kwesizini. Lo mdlali ufike wadlala kancane kule kilabhu, wangabe esabonakala. Umthombo weLANGA ulihlebele ukuthi iMaritzburg inqume ukumdedela lo mdlali ngenxa yokuziphatha budlabha. Umthombo uthe: “IMaritzburg inqume ukumxosha lo mdlali ngoba ibimehlula impilo eMgungundlovu. “Obekucasule kakhulu le kilabhu wukuthi la ebimdinga khona ibingakwazi ukumusebenzisa.


“Kunomdlalo nje ayesesikimini kuwona, ezowuqala, wathumela umyalezo kubaphathi wathi uhlangabezane nengozi yemoto. “Bathe uma beyombheka endlini yakhe bamfica ezihlalele, edlala i-Play Station nomunye uzakwabo kanti kwamoto ayethe isengozini yayingalimalanga kangako, futhi kwangozi aba kuyona kayibikwanga emaphoyiseni. “IMaritzburg ibone kungcono imdedele ngoba iyolwela impilo yayo kulo mzuliswano ozoqala, ifuna abantu abazolwela ikilabhu ngobuqotho. “Ngizwe kancane ukuthi ujima neSuperSport United.” Imizamo yokuthola uFarook “Ntshebe” Kadodia, ongusihlalo weMaritzburg, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. Nomyalezo awuthunyelelwe ngeWhatsApp ugcine engawuphendulanga, kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Previous articleKusolwa isihlobo ngomfana (06) obulawe ‘wacwiywa’
Next articleBathotshwe amanxeba abashiywa yizihlobo ngeCovid-19