Unina wengane uthi imtshele ukuthi kunesigameko lapho isoka likamasitende layenzakalisa belele bobathathu
embhedeni (umasitende) ebuka
SKHOSIPHI MTHEMBU
UBALISA ngokuchanasa ngaphandle kwesoka lowayengumasitende wakhe owesifazane waKwaMakhutha, eThekwini, olisola ngokudlwengula indokakazi yakhe (14) ngonyaka odlule, umasitende ebuka.
Lona wesifazane ongeke adalulwe ukuvikela isithunzi sendodakazi yakhe uthi kumanje ulala obenyoni ngenxa yokuthi namanje umsolwa akaboshiwe kanti useke wayisabisa indodakazi yakhe.
Utshele ILANGA ukuthi umasitende wacela ukuba indodakazi yakhe iyohlala naye ngonyaka odlule, wavuma ngoba ngaleso sikhathi wayezithwele futhi eme-themba ukuthi uzoyinakekela, kwazise naye uhlala eduze kwa-lapho ayeqashe khona.
“Lo sisi ongumnikazi wendlu engangiqashe kuyona, wafika kimina wathi mangimnike indodakazi yami iyohlala naye okwesi-khashana njengoba mina ngisazithwele ukuze ezokwazi ukuyinakekela. Wayithatha ingane.
“Kwahamba isikhathi nami ngaze ngabeletha. Kwathi ngingazelele, umasitende wangi-tshela ukuthi kuzomele ngithu-the kule ndlu engangihlala kuyona. Yilapho ngaqala khona ukusola ukuthi khona okungahambi kahle. Omunye wabangani bami wake wafica indodakazi yami ikhala, okwathi uma eyibuza, ya-ngasho ukuthi ikuphi inkinga.
“Sengiphuma kule ndlu, ngathatha izingane zami, nayo lena abehlala nayo, zayohlala nomamkhulu eGoli. Kulo nyaka ngigodukile, ingane yathi kukhona efuna ukukukhuluma.
CYangichazela ukuthi yayidlwengulwa yisoka likamasitende ngesikhathi ihlala kuyena. Yathi esigamekweni sokuqala, lona wesifazane waphuma waya esitolo, yasala indoda yakhe yayidlwengula.
“Okwesibili, ithi babelele bobathathu embhedeni, isoka layidlwengula umasitende ebhekile. Emuva kwalokho ingane bayisabisa, bathi ingalinge iyikhulume le ndaba. Ngaya emaphoyiseni, sayiswa esibhedlela eMshiyeni (eMlazi), kwavulwa necala,” esho.
Uthi indodakazi yakhe uke wayithuma esitolo, yahlangana nomasitende nesoka lakhe, bayitshela ukuthi kuphelile ngayo nonina.
“Kangazi ukuthi bebeqonde ukuthini ngalokho. Ngibona singaphephile nengane njengoba besanesibindi sokuyisabisa,” kusho lona wesifazane.
Uveze ukuthi ibingakababoni osonhlalakahle, kodwa izobonana nabo okokuqala kuleli sonto njengoba bekebaxhumana nabo.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uthe likhona icala elivuliwe emuva kokuba ingane eneminyaka ewu-14 ubudala ya-dlwengulwa ngumsolwa owaziwayo. Uthe amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.