Uyabalisa owesilisa odunwe imoto ‘ngamaphoyisa’

495
UYABALISA uMnu Zwelithini Kheswa odunwe imoto ngabalisa abebezenza amaphoyisa. 
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

THANDEKA NGOBESE

USALE ekhungathekile owesilisa waseHarding, emuva kokuba izinswelaboya ebezizenza amaphoyisa zithi zimbophela icala lokuhlukumeza owesifazane, zikhala zemuka nemoto yakhe. 

UMnu Zwelithini Kheswa, uthi uyoyixo-xela amagwababa echobana into emehle-le eChatsworth, eThekwini, ngoMgqibelo ngehora leshumi ebusuku, ethathelwa i-Isuzu 2021 model, ngabantu abebezenza amaphoyisa. 

Uthi ubephuthuma kubo eHarding esuka eChatsworth, okuthe eqeda ukudlula egalaji lakwaShell elikule ndawo, wajahwa yiBMW ebinamalambu aluhlaza amaphoyisa. 

Uthi kuthe uma evinjwa yirobhothi elingakuleli galaji, yamfica le moto, ya-mkhomba eceleni, wama, kwehla abesilisa ababili kuyona baqonda ngqo kuyena. 

“Bafike kimina ngehlisa iwindi ngoba ngizitshela ukuthi ngamaphoyisa ange-mpela, bathi bangijaha ngoba lapho ngiphuma khona kuthiwe ngihlukumeze umuntu wesifazane, besho beveze ikhadi lamaphoyisa elinesithombe somunye wabo. 

“Ngibatshele ukuthi badukile, akekho umuntu wesifazane lapho ngiphuma khona. Bathe kuzophoqeleka ukuba ngiphume emotweni, siye esiteshini samaphoyisa ngoba ngivulelwe icala, bangijaha nje yingoba kuthiwa sengiyabaleka. 

“Ngaleso sikhathi omunye wabo ubekhipha ukhiye emotweni, okuthe ngisamangazwe yilokho, bathi mangiphume emotweni ngiyogibela kweyabo. Ngehlile emotweni lo munye othathe ukhiye, wabe eseyidumisa lena eyami. 

“Ngithe ngisathi ngibeka umlenze ngingena kulena yabo, yasuka amaphepha, nalena yami yalandela. Bangishiye ngimile kanjalo, bahamba nayo imoto yami. 

“Kangikwazanga nokuthatha izinombolo zale moto abebehamba ngayo njengoba lena eyabo ivele yasithwa yilena yami ebisilandela  ngemuva,” kusho uMnu Kheswa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe icala lokudunywa kwemoto kodwa bekungakaboshwa muntu, kusaphenywa.

Previous articleKuza izinguquko ezinkulu kwi-Arrows
Next articleUsebulewe owasinda ehlaselwa kwakhe