Uyabalisa unina womfana ‘owashayelwa ukweba’

636

Kumanje akatholakali, akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo

UMNU Cebolihle Hlongwa okuthiwa sekuphele isonto wanyamalala emuva kokuba eshaywe ngunogada, emsola ngokumntshontshela. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

THANDEKA NGOBESE


UYABALISA unina wowesilisa waKwaDumisa, eMzinto, okuthiwa washa-ywa kanzima, washiswa ngopulasitiki ngunogada wesitolo sasendaweni engagqokile ngoLwesibili olwedlule, ngoba esolwa ngokweba izimpahla zakhe zokugqoka, okumanje kakwaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo. UNkz Makhosazane Hlongwa ongunina kaMnu Cebolihle Hlongwa (23), onyamalelele, utshele ILANGA ukuthi lo nogada owayeshaya indodana yakhe, kumanje umfuna u-R14 000 athi makawukhokhele lezi zimpahla ezebiwa, okubalwa kuzona ibhulukwe, amapheya amathathu amateku, amabhuzi omsebenzi nezikibha.


Uthi indodana yakhe ibisiqala ukungena ezidakamizweni, okwathi isebenza, icenta kwamakhelwane, kwafika lo nogada ehamba nomunye okuthiwa naye untshontshelwe, bayithatha bahamba nayo. Utshele ILANGA ukuthi bayishaya yamabokoboko, bayikhumulisa izingubo yahamba nqunu beyibophe ngozankosi, bayishisa ngopulasitiki, befuna ivume ukuthi lezi zimpahla izithathile.

Uthi indodana yakhe yacela ukuba bayiyise kuyisekazi ukuze ayifonelele yena (unina), imazise ngalokhu. “Nempela bayiqhuba, yangithinta isithi ikwayisekazi, kunabantu ehamba nabo abathi intshontshe izimpahla zabo. “Ngikhuluma nabo, kwakuyoshaya ihora leshumi ebusuku, ngababuza ukuthi kungani bangambophi uma ebantshontshele bathi bona kabasebenzi kanjalo, umuntu obantshontshele uyabakhokhela impahla yabo. “Ngathi njengoba kusebusuku ngiyeza ngizombona lapho bekhona, bathi mangingezi, mangifike ekuseni.


“Uma ngifika ekuseni, bangitshela ukuthi bamdedelile ekuseni ngabo-02h00, esekhala kakhulu. “Ngibabuzile ukuthi ubegqokeni ngoba kuthiwa wafika kuyisekazi enqunu, bathi bamgqokise ezabo, bamdedela wahamba. “Kumanje indodana yami kayitholakali. Bafona usuku nosuku bethi mangikhokhe u-R14 000 wa-lezi zimpahla zabo. Ngibanike u-R5 000, manje bayangishusha bafuna u-R9 000, kungenjalo bathi bazothatha imoto yabelungu engihamba ngayo bayibuyise sengikhokhe le mali, futhi bayazi lapho engihlala khona,” kubalisa yena.


Uthi kumanje uphethwe wukhwantalala, ulele esibhedlela ngoba uzamile ukubika udaba emaphoyiseni eseSawoti kodwa wangaluthola usizo njengoba evele anikela lapho kuhlala khona abasolwa, abuya esethi asebabuzile bavuma ukuthi bamshaya bamdedela. “Inkinga enkulu (abasolwa) balokhu bethumela umyalezo, befuna le mali ekubeni kangazi noma indodana yami bayibulele yini njengoba ingatholakali.


“Ngizobakhokhela le mali kuphinde kufanele ngithwale umngcwabo uma kuwukuthi bayibulele. Indlela engihlukumezeke ngayo, sengifisa ngisho luphathwe ngamanye amaphoyisa lolu daba ngoba kangisizakali lapha, ngisho inombolo yecala kabangithu-melele kuze kube yimanje,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi likhona idokodo lokunyamala komuntu elivuliwe, okwamanje akekho osaboshiwe njengoba kusenziwa uphenyo.

Previous articleSiyaveva isikhulu selePSL ‘esigxazwe wonogada’
Next articleKunconywe iqhaza likaMnu De Klerk