Uyakhula umfelandawonye wamaqembu asophe ukugudluza i-ANC

340

BHEKI NDLOVANA

AYANDA amaqembu ezepolitiki okubikwa ukuthi afuna ukuba yingxenye yomfelandawonye walawo afuna ukuchiliza i-ANC emandleni okubusa iNingizimu Afrika.

UMnu Velenkosini Hlabisa ongumengameli we-IFP – eyingxenye yalo mfelandawonye – uthi kunamaqembu asafake izicelo zokujoyina lo mfelandawonye – osayine isivumelwano esibizwa ngeMulti-Party Charter ngoNcwaba (August) .

“Ezinye (izicelo) zisacutshungulwa, kanti ezinye sezamukelwe,” kusho uHlabisa.

Usho kanjena nje, lo mfelandawonye obunama-qembu awu-8, usanda kujoyinwa ngamabili, okuyi-United Christian Democratic Party (UCDP) neKhethu People’s Party (EPP).

I-EPP ezinze eGoli, ibhalisele ukungenela ukhetho lwangonyaka ozayo, i-UCDP izinze eNorth West. Amanye amaqembu ayingxenye yalo mfelandawonye yiDemocratic Alliance (DA), iFreedom Front Plus (FF Plus), i-Action SA, i-United Independent Movement (UIM), i-Independent SA National Civic Organisation (Isanco), iSpectrum National Party (SNP) ne-African Christian Democtratic Party (ACDP).

Previous articleBazowudlela esitokisini uKhisimusi abasolwa kwelofuka kwephoyisa likaMasipala weTheku
Next articleIzinkabi ziqedele usomatekisi kwi-ambulensi ephuthunyiswa esibhedlela