UYAMANISWA NAHLUKENE UMDLALI WE-PIRATES

547

SENZO SOKHELA
UYAMANISWA namakilabhu ahlukene umdlali we-Orlando Pirates ophila ngokubolekiswa kule kilabhu eyizingqwele zeMTN8. ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iBucs ihlela ukuphinde ibolekise ngoSandile Mthethwa (25) (osesithombeni) odlala emuva. UMthethwa ujoyine iBucs ngo-2016 esuka kwiDurban FC ebidlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League. Nokho selokhu efike kwiBucs, uphila ngokubolekiswa njengoba ebuya kwiRichards Bay FC nakwi-Chippa United. Ngesizini edlule ubekwiChilli Boyz.


ILANGA lithole ukuthi lo mdlali angase aphinde abolekiswe kwi-Chippa noma kwiMaritzburg United, okungamakilabhu okuthiwa ayamu dinga. Umthombo waleli phephandaba uthe: “Njengamanje lo mfana kakubukeki esezinhlelweni zomqeqeshi ngoba akamudlalisi, kodwake engikutholayo wukuthi uma kuvulwa iwindi, angase abolekiswe kwiChippa kumbe kwiMaritzburg. “Konke kuzoncika ekutheni kuvunyelwana kanjani, kodwake yena akafuni ukuhamba, uzimisele ngokuzama ukulwela indawo yakhe kwiPirates.
“Ngokwakhe ubona ukhakhayi lwakhe seluqine ngokwanele ukuthi angadlala, kodwa-ke konke kuzoncika kubaphathi ngoba kabasiboni isidingo sokugcina umuntu ongeke adlale.”Lo mdlali wabonakala edlubhe ijezi leZimnyama kwiCarling Black Label Cup kanti wayelihlikihla kahle. Imizamo yokuthola uSihlalo we-Bucs uIrvin “Iron Duke” Khoza ukuba aphawule ngodaba lwalo mdlali, kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

Previous articleUminze ‘egeza’ amakholwa edanyini
Next articleUVALO EMNDENINI WOMFUNDI OSENESONTO ENYAMALELE