Uyamaniswa ne-Europe umdlali weChiefs

719

Kuthiwa neDowns neSuperSport bayamcathamela

UGAQELWE yikilabhu yase-Europe umdlali weKaizer Chiefs ophelelwa yinkontileka kule kilabhu. IChiefs imemezele ukuthi ibambe ufishi omkhulu isayinisa uReeve Frosler (23) (osesithombeni) odlala emuva obesemabhukwini eBidvest Wits engasekho. UFrosler ujoyine iChiefs ngo-2019. Nokho selokhu efike kwi-Chiefs akakangeni khaxa esitayeleni sayo njengoba ephazanyiswa kakhulu wukulimala.


Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi kunekilabhu yaseBelgium ecathamela lo mdlali. Inkontileka kaFrosler ne-Chiefs iyaphela uma kusongwa isizini kanti nezingxoxo bezinga-kaqali. Umthombo waleli phephandaba uthe: “Inkontileka kaFrosler ne Chiefs iyaphela uma kusongwa isizini, izingxoxo zokuyelula ne-Chiefs bezingakaqali. Kodwake akhona amakilabhu akade aqala ukumukhokhobela kuleli okuyizinkunzi zasePretoria iSuperSport United neMamelodi Sundowns.


“Sekungenelele nekilabhu yaseBelgium okuvela ukuthi seyike yakhuluma nomphathi wakhe uPaul Mitchel wayimisa kwazise isikhathi sokuqala izingxoco nenye ikilabhu besingakavumi ngokomthetho. Kodwa njengoba sesivulelekile nje kulindeleke amakilabhu eze ebangisana ngoba ayamufuna.” Imizamo yokuthola uMitchel we-nkampani ephethe izindaba zalo mdlali, iSSG iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. Nomyalezo awuthunyelelwe ngeWhatsApp akawuphendulanga yize kubonakale sengathi ufundiwe.

Previous articleBashise eyobumnandi ‘ebulala intsha’
Next articleUKHULUNYELWE NGAMAGALELO OYOTAKULA EMKHANYAKUDE