Kuthiwa ingqinamba kungaba yinkontileka ezophela ngo-2024
USENELE wukukhuhla ibhentshi umdlali weMamelodi Sundowns eziya ngokuqina izinsolo zokuthi angase avumbuke kwiKaizer Chiefs.
ILANGA lihletshele yimithombo yalo ukuthi uSibusiso “Villa” Vilakazi (32) (osesithombeni) odlala esiswini kwiDowns, ufuna ukushintsha umoya kwazise uyabona ukuthi akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi. UVilakazi ujoyine iDowns ngo-2016 esuka kwiBidvest Wits engasekho, abevutha engabaselwe kuyona.
Ufike kwiDowns wangabe esaba yilo Vilakazi obaziwa kwiWits, izinga lakhe langakhuphuka kunalokho lehla.
Uphinde waba nebhadi njengoba ubehlushwa wukulimala. Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi lo mdlali akaseneme neze ngokukhuhla ibhentshi kwazise iminyaka yakhe yobudala isihambile. Kuthiwa kunamakilabhu amukhokhobelayo okukhona kuwona neChiefs.
Umthombo waleli phephandaba oncikene nalo mdlali, uthe: “UVilakazi akalimele akanalutho yikhona nje ukuthi kufanele alwele indawo eqenjini.
“Inkinga wukuthi usekhathele wukukhuhla ibhentshi ufuna ukushintsha umoya. Akhona amakilabhu asibhekile isimo sakhe kubalwa neChiefs okudala yaqala ukumufuna.
“Ingqinamba enkuluke nokho wukuthi inkontileka yakhe neSundowns iphela ngo-2024 okusho ukuthi omufunayo kuzofanele
akhiphe itshe lemali. Kodwa yena akeneme neze ngesimo sakhe ufuna ukudlala hhayi ukuba yifenisha.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kweDowns ngalolu daba iphunzile kwazise ibinomdlalo omqoka weligi izolo ngoLwesithathu ntambama nomkhaya iSuperSport United.