THANDOLUHLE NGUBO
KUYAPHELA “ukutetemuka” mahhala beyobuka imidlalo yamaqembu esizwe kubalandeli bakanobhutshuzwayo abadumile, njengoba ungqongqoshe omusha wezemidlalo, ubuciko namasiko, uMnu Gayton McKenzie, eves ukuthi uzokumisa ukukhokhelwa kwezindleko zalaba balandeli. UMcKenzie ubhale ekhasini lakhe leX (Twitter) uma selumisiwe lolu hlelo, imali abebekhokhelwa ngayo laba balandeli izosetshenziselwa ukusiza abayidingayo.
Indaba yokukhokhelwa kwalaba balandeli ike yaba sematheni ngesikhathi kuvela ukuthi lo mnyango wakhokha u-R1,3 million ngezindleko zabalandeli ababili uJoyce “Mama Joy” Chauke – ongumlandeli weRoyal AM – noBotha Msila ohlale edlubhe ezeBloemfontein Celtic (engasekho ebholeni elikhokhelayo) ngesikhathi kuqhubeka iNdebe yoMhlaba ye-International Rugby Board (IRB) eFrance nyakenye. Amaqembu epolitiki – okubalwa kuwo iDemocratic Alliance – azwakalisa ukungenami, aveza ukuthi lesi senzo siwukumosha imali yabakhokhi bentela.
UMcKenzie usho lokhu nje, kushone elayizolo esememezele ukuthi kumele umnyango wakhe ubhekisise amaciko asehlomulile kuwona, bese ushicilela amagama awo nezizathu zokuwaxhasa. Uthe lokhu ukwenza ngoba efuna ukuqeda ukuxwaswa kuphindelelwa kwabathile. Okhulumela uMcKenzie, uMnu Cassiday Jacobs, uthe lesi sinqumo sohlu lwamaciko sizodingidwa kahle emhlanganweni wekhabhinethi.