Uyaveva “oshaywe” ngumqashi enkampanini yamaloli

244

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UYAVEVA yintukuthelo owesilisa waKwaMaphumulo othi ushaywe ngumqashi wakhe – phambi kozakwabo – emsola ngokuthi akayiwashanga iloli asebenza ngayo. UMnu Msizeni Dlamini (35), osebenza enkampanini yamaloli ahamba amabanga amade, ezinze eSiphingo, eThekwini,  iJG Hauliers, uthe umqashi uqale ngokumchapha ngenhlamba ngaphambi kokumshaya. 

Uthe uqashwe ngoMasingana (January) kule nkampani.

“NgeSonto ngibuye eGoli ngapaka iloli ngalihlanza ngaphakathi. Ngibize abafana abawasha amaloli abaqashwe yinkampani ukuba bayihlanze njengenhlalayenza. “NgoMsombuluko ngilale emsebenzini ngilinde ukuba kuqedwe ukuwashwa kweloli ukuze ngizothatha omunye umsebenzi njengoba bebengaqedanga ukuyiwasha ngayizolo. Ngithe ngisahleli, kwaqhamuka umqashi ebhoka ngolaka, engibuza ukuthi kungani ngingayiwashanga iloli. Ungiyalele ukuba ngimlandele siye ehhovisi lakhe. Ufike wangichapha ngenhlamba, wakhi-pha umyalelo wokuba ngibanjelwe u-R5 000 emholweni wami ngoba ngingayiwashanga iloli. Ngichazelile ukuthi ngiyihlanzile ngaphakathi, abafana baliwasha ngaphandle. Uthe masiye kuyona, wafaka isandla ngasemasondweni, wabuya nokungcola, wangishaya ngempama phambi kozakwethu. Kwale ngisho ngichaza ukuthi iwashiwe, waqhubeka nokungishaya,” kusho uDlamini.

Uthe indlela abaphathwa ngayo emsebenzini inzima, kabalutholi ngisho usuku lokuphumula. “Okungiphatha kabi, ngishaywa nje  ngizinikele emsebenzini wami yize ngingasitholi isikhathi sokuphuma,” kuzikhalela yena.

UMnu Sfiso Nyathi we-All Truck Drivers Forum and Allied South Africa, uthe lona wumkhuba ovamile kubashayeli bamaloli. Uthe miningi imibiko abayitholayo ngezigameko zabaqashi abashaya izisebenzi, okuthi uma kuvulwa amacala, aphelele emoyeni. Ube esecela imininingwane yomshayeli ukuze bezongenelela ukuzama ukumsiza.

ILANGA lishayele imenenja yeJG Hauliers, uMnu Mark Richards, ethe iyazi ngodaba kodwa waphika ukuthi uDlamini ushayiwe. Ithe banaso isithombemnyakazo (video footage) esaqoshwa ngosuku lwesigameko, kodwa akukho okukhombisa lapho uDlamini eshaywa khona. “Siyazi ukuthi kunecala elivuliwe, kodwa ngeke ngidalule okuningi ngalokho, konke kuzocaca enkantolo,” esho. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokushaya, wathi amaphoyisa asaphenya. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleSesilinde ipeni likamengameli lisikhulule ngentshokovane
Next articleUsomatekisi ufuna “ukugezwa” wuhulumeni ngo-R100 million