Uyaveva owashayelwa “ubuqola bomunye umuntu”

205

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UYAVEVA yintukuthelo owesilisa okhubazekile waseSambodla, KwaMaphumulo mayelana nokungaboshwa kowomdabu waseNdiya amsola ngokumshaya abukise ngaye, emsola ngokuthi udlala ngabantu ucela imali kubona. 

UMnu Mzwakhe Msomi (64) (osesithombeni), uthi uyoyixoxela amagwababa echobana into ayenziwe yilona waseNdiya athi na-manje usacanasa yize sekuphele izinyanga eziwu-7 wamvulela icala. Lesi sigameko senzeka ngoLwezi (November) wonyaka odlule. UMsomi uthi umsolwa wamshaya emsola ngokuthi uqola abantu, ubacela imali yize ehamba ngeMercedes Benz. 

Uthi uyasola ukuthi wayemfanisa nomunye umuntu njengoba yena akanalo ngisho ibhayisikili. Uthi waya enxanxatheleni yezitolo eKwaDukuza eyothenga imishanguzo yakhe ekhemisi. “Njengoba ngihamba ngezinduku emuva kokukhubazeka engozini yemoto, kunemishanguzo engivame ukuyoyithenga ekhemisi. Kwaqhamuka owomdabu waseNdiya wangishaya. “Wangisola ngokuthi ngipaka imoto ngemuva kwenxanxathela yezitolo, maqede ngiqole abantu, ngibafune imali. Kangikwazanga nokuthola ithuba lokumphendula, wangingenela ngenduku phambi kwabantu,” kusho uMsomi.

Uthe ulivulile icala kodwa kwahamba isikhathi, wathola umqhafazo othi lesuliwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCont Thenjiswa Ngcobo, uthe likhona icala lokushaya elivuliwe, uphenyo lusaqhubeka. Uthe uma isisulu singenelisekile noma sifuna ukwazi ngokuqhubeka kwecala, kumele siye kumphathi wabaphenyi, uma singasizakali sicele umphathi wesiteshi. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleBabonge i-ANC abaphelelwe yitoho kuHulumeni waKwaZulu-Natal
Next articleAmajaji avume iphutha ahoxisa igama lowaseGoli kowezindondo zaseKZN