UYaya usezidonsele iso lezinkunzi zase-Europe

86

SENZO SOKHELA

USEZIDONSELE iso lamakilabhu amakhulu ase-Europe umdlali weqembu lesizwe likanobhutshuzwayo lakuleli iBafana Bafana.
USphephelo “Yaya” Sithole (24) – odlala esiswini kwiBafana nakwiTondela egijima kwiPortugal 2 League -ungomunye wabadlali ababe nomqhudelwano omuhle kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ezosongwa ngeSonto ebusuku e-Ivory Coast.
Useyidlale yonke imidlalo yeBafana futhi ushaya ingcwenga yebhola. ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uSithole angase adlale isizini yakhe yokugcina kule kilabhu yasePortugal. Umthombo waleli phephandaba -osondelene kakhulu noSithole – ulitshele ukuthi lo mdlali ufunwa ngamakilabhu amakhulu ase-Europe.


“USithole kungase kube yisizini yakhe yokugcina lena edlala esigabeni esiphansi e-Europe. IBenfica edlala esigabeni esikhulu khona ePortugal ingenye yamakilabhu amfunayo. Kakuyona kuphela njengoba kunamakilabhu aseFrance nawaseBelgium nawo amfuna uthuli.
“Kodwa-ke konke kuzokwenzeka ngokuphela kwesizini ngoba amawindi okudayiselana ngabadlali avaliwe manje,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola lo mdlali iphunzile njengoba iBafana ibidlala i-semi final ye-Afcon neNigeria izolo ngoLwesithathu ebusuku.
Kuvela izindaba zokugaqelwa ngamakilabhu kukaYaya nje, lokhu kakwethusi njengoba uLinda “Mercedes Benz” Buthelezi – owayedlala indawo efanayo nekaYaya ngesikhathi iBafana inqoba i-Afcon ngo-1996 kuleli ngaphansi kukaClive “The Dog” Barker ongasekho – ucashunwe ngabezindaba elibeke ngesihloko elokuthi lo mdlali umbona engaphezulu kakhulu kwakhe.


Umncome ngokusibamba ngqi isisu nangokuxhumana kahle nezitobha zeBafana ezakhiwe ngabadlali beMamelodi Sundowns. Uthi ngendlela asibamba ngayo isisu uYaya, yingakho nje uTeboho Mokoena – abasebenza naye ukuhlakaza yonke iminyakazo yezitha enkabeni – ekwazi ukumshiya ahlasele uma ebona ithuba livela ngoba usuke azi ukuthi kusele ukhonkolo enkabeni.
Ngesikhathi iBafana inqoba i-Afcon ngo-1996, uButhelezi wayedlala ngokubambisana no-Eric Tinkler ukuhlakaza inyakazo yezitha enkabeni bese ibhole belinika ozakwabo esiswini uDoctor “16V” Khumalo noJohn “Shoes” Moshoeu ababesebenza ukunika abagadli bakuleli amabhola axoxa indaba kwesinye isikhathi baqonde ngqo emapalini ukuyozibhakuzisela amagoli mathupha.

Previous articleOweChiefs uphika eyokwenyusa amasokisi ngoba egaqele inkontileka entsha
Next article10 February 2024