Uyayiphika eyokujola uBlack Cofee

712

KUBUKEKA sengathi itshe limi ngothi emshadweni wesihlabani saseNingizimu Afrika esidla ubhedu nasemazweni aphesheya kwezilwandle, uDJ Black Coffee, njengoba umshado wache usuphinde wakhungathwa yinkanankana yenkinga.
Kuleli sonto lesi sihlabani, ogama laso langempela nguNkosinathi Maphumulo, esiganwengu
Enhle Mbali Maphumulo, siphenduke undabamlonyeni ngemuva kokusabalala kwezinsolo zokuthi sijola nosaziwayo waphesheya kwezilwandle, uCathy Guetta, owayeyinkosikazi kasaziwayo onguDJ uDavid Guetta.
Indaba kuthiwa isuswe yi-video ehambisana nombhalo ofakwe nguyena uCathy enkundleni
yokuxhumana i-Instagram.
Lo mbhalo okubikwa ukuthi ufakwe nguCathy othi “I didn’t see @realblackcoffee since few months
and I came in a private party and
then SURPRISE for NATHI (emoji) CATHY (emoji) was there!!! Lots of love to see us again (sic)!!! Just before our opening in ibiza @hiibizaofficial”, kukholakala ukuthi uyinkomba yokuthi kukhona okushaya amanzi phakathi kwakhe noBlack Coffee.
Ngokuhamba kwesikhathi kucacile ukuthi indaba iyashuba njengoba bekuchwaza ezinkundleni zokuxhumana, abantu bengqumuza le ndaba, abanye bekhwela bedilika kuBlack Coffee, bemsola ngokungaziphathi kahle.
Ugcine uBlack Coffee esephendula ngoLwesihlanu khona enkundleni yokuxhumana wathi
uCathy ungumlingani wakhe ngokwebhizinisi kuphela, futhi kusazoba njalo nasesikhathini esizayo.
Uthe kubuhlungu ukuthi abantu ezinkundleni zokuxhumana bajaha ukugxibha umuntu ngento abangenabo ubufakazi bayo.
Okunye osekuphinde kwanza izinto zabonakala zizimbi kakhulu emshadweni walab’ osaziwayo wukuthi kuthiwa sebekhiphe izithombe zabo bendawonye nasezinkundleni
zokuxhumana.
Ku-Instagram ka-Enhle, ezithombeni zakamuva cishe ezifakwe esikhathini esingangonyaka azibonakali izithombe ezinoBlack Coffee, kuze kuvele isithombe sabo bendawonye esafakwa ngonyaka owedlule ngoNdasa (March).
Kanjalo nakuBlack Coffee kwezakamuva azibonakali izithombe zika-Enhle, kuze kuvele esafakwa ngoNdasa (March) nonyaka, lapho uBlack Coffee wayefisela khan u-Enhle usuku lokuzalwa oluhle. U-Enhle akatholakalanga izolo ukuba aphawule. Ucingo lwakhe lukhale lwangabanjwa.
Uthunyelelwe umyalezo nge-SMS, nakuWhatsApp kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokuyogaya iphephandaba engaphendulanga.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2013 kuke kwakubi phakathi kwalab’ osaziwayo ngesikhathi kuqubuka izinsolo zokujola kukaBlack Coffee. Ngonyaka owedlule uphumele obala, wavuma ukuthi kuyenzeka ngezinye izikhathi ugajwe wudumo, ugcine usulingeka.

Previous articleKuphela amaphupho ngesikwati samaBhokobhoko
Next articleUmbango omusha kaShembe