uyazethemba ngokubuyela kwi-absa premiership umdlali we-swallows

874

SENZO SOKHELA

UMGADLI weSwallows FC egijima kwiGladAfrica Championship ufunge wagomela ukuthi le kilabhu izobe idlala kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo.

UPhumelele “Ace” Bhengu (osesithombeni) odabuka KwaSwayimane, maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natal, usayiniswe yi-Swallows maphakathi nesizini esuka kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila ebingasamdlalisi.

Selokhu efike kwiSwallows wenza kahle njengoba eseyishayele amagoli amathathu emidlalweni emithathu.

ISwallows ithishwa ukungena kwiPremiership njengoba isendaweni yesibili kwi-log

Ishiyana ngamaphuzu angu-7 ne-Ajax Cape Town eqhwakele.

Kusele imidlalo engu-6 iligi iphothulwe.

UBhengu ekhuluma naleli phephandaba ufunge wagomela ukuthi ezakhe zizobe zidlala kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo. 

“Le ligi sizoyiwina, ngeke size siye ngisho kuma-play-off sizoqeda siqhwakele.

Abantu bathipha i-Ajax baya-khohlwa ukuthi sisazodlala nayo engingangabazi ukuthi sizoyihlula. 

“Kuzofanele abantu bangakhohlwa wukuthi njengoba sihlulwe yiTuks nje bese sigijime imidlalo engu-9 singahlulwa okusibeke phezulu. 

“Le midlalo engu-6 esele sizoyinqoba yonke akukhathalekile ukuthi sizobhekana nobani,’’ kusho uBhengu ngokukhulu ukuzethe-mba.

Limbuza leli phephandaba ukuthi leli khefu elidalwe wukubhe-duka kwe-coronavirus ngeke li-babuyisele yini emuva, uthe: 

“Besilidinga leli khefu ukuphumuza abanye abadlali bethu abese benokukhathala ngenxa yokudo-nsa imidlalo eminingi. 

“Okwamanje angazi ukuthi imidlalo izobuya nini kodwa uma sonke sibuye isimo sempilo sisesimweni angingabazi ukuthi sizoqhubeka nokushaya kwasani. Le ligi inzima kuwona wonke umuntu kodwa sizibekele ukuthi siyinqobe yonke le midlalo esele,” kusho uBhengu.

 

Previous articlezimjabulisile ezokuhlehla kwemidlalo yama-olympics u-wayde van niekerk
Next articleThongathi engcupheni yokushiywa wumgadli