Uyaziqhathulula umndeni wenkosikazi yephoyisa esolwa ekufeni kwalo

621

PHUMLANI GAMA

UCELE ILANGA ukuba liwukhulumele namalungu omphakathi nezihlobo zikamufi owayeyisikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku, owabulawa emzini wakhe kwaS, eMlazi, eThekwini, umndeni kaNkk Faith Ntombela (osesithombeni) – oyinkosikazi kamufi – osolwa ngokufa kwakhe. 

UCapt Thomas Ntombela wadutshulwa ngenyanga kaNhlaba (May) kophezulu ephuma esitolo esibude buduze nomuzi wakhe. Kunezinsolo eziqinile zokuthi umufi wadutshulwa ngesibhamu sakhe somsebenzi, okusolakala ukuthi sakhishwa ngumkakhe. 

Ngaphambi kokuboshwa kwabasolwa ku-leli cala, kwasabalala izithombemnyakazo (videos) okuzwakala kuzona iphimbo lowesifazane ekhombisa indawo okwakuzongena kuyona inkabi eyabulala umufi. 

NgoMsombuluko ngesikhathi uNkk Ntombela evele okokuqala eNkantolo yeMantshi eMlazi nenkabi esolwa ngokuba ngungqondongqondo kuleli cala, uKhulekani Cele, ILANGA lizame ukukhuluma namalungu omndeni kaNkk Ntombela, lifuna ukuzwa uhlangothi lwawo. Athe acela leli phephandaba liwakhulumele nalaba abawaklolodelayo, ukuthi wona kawahlangene nokuthi ilungu lewo libulele okanye kalibulalanga. 

“Nathi silapha enkantolo ngoba sifuna iqiniso. Asikuthandi lokhu abakushoyo ukuthi siyameseka ngento asolwa ngayo yokubulala umyeni. Okuningi enifuna ukwazi ngakho, ungakubuza kummeli wakhe, uNkk Ntombela, u-Ashwin Rugbhbeer. Nguyena ummeli owasiyalela ukuba singakhulumi nabezindaba,” kusho elinye ilungu lomndeni kaNkk Ntombela, amanye ejobelela. 

UCele usolwa ngokuthi waqasha uMzo Ntombela ukuba abulale umufi kodwa wayezoholelwa nguNkk Ntombela. 

UNtombela waboshwa ezinyangeni ezimbili ezedlule, akapholisanga maseko, wahluba udlubu ekhasini mayelana nokuthi wambulala kanjani umufi, futhi wayeqashwe ngubani. Wabuye waveza ukuthi wanikezwa imoto kamufi nje-ngengxenye yeholo lakhe. UNtombela usephenduke ufakazi wombuso njengoba edonsa isigwebo seminyaka ewu-20 ebhadla ejele. 

UCele udonsa udilikajele ngecala lokubulala ikhansela esigamekweni esenzeka ngo-2008. 

IMantshi uMnu Thulani Mbuyazi, ithe inkantolo iyalihlehlisa leli cala ngesizathu sokuthi kuzolindwa isinqumo somqondisi wabashushisi maqondana nokuzokwenzeka ngenxa yesisindo salo. 

Okhulumela umndeni wakwaNtombela, uMnu Nkosinathi Ntombela, kabanankinga nabo bonke abathinteka kuleli cala ngaphandle kukaNkk Ntombela oyinkosikazi yomfowabo. 

Previous articleZithunuke umndeni izinkulumo mayelana nowasha ebhilidini eGoli
Next articleKuqaqamba inhliziyo koweRoyal AM ngesigwebo seFifa