Uyelulama uBlack Coffee olimale ebhanoyini

313

INTATHELI YELANGA

INTANDOKAZI yomklwebhi wamapuleti yaseNingizimu Afrika, uBlack Coffee, kubikwa ukuthi iyelulama emuva kokulimala endizeni ilibangise eMar Del Plata, e-Argentina, iyokwenza edume ngazo. Ngokwesitatimende esikhishwe ekhasini laleli ciko – ogama lalo langempela nguNkosinathi Maphumulo – kwi-Instagram, sithe lapho likhona linakekelwa ngokuseqophelweni eliphezulu ngokwezempilo – futhi sesekwe ngamalungu omndeni nethimba elisebenza nalo. Kube sekunxuswa abezindaba nabalandeli baleli ciko ukuba babekezele, bangaliphazamisi. “Phezu ngezinselelo ezibikwayo (zokulimala), uBlack Coffee uyelulama,” kusho isitatimende.

Previous articleSeluxazululekile “olombango” wesihlalo sikaShenge
Next article15 JANUARY 2024